Onogada ababili basejele bagwazwe yiziboshwa njengengxenye yesiyaluyalu sikaZuma

Celani Sikhakhane

Iziboshwa zase-Westville zijoyine udlame lukaZuma ngezinsolo zokugwaza onogada ababili abebehlola iziboshwa ngoLwesibili ekuseni.

Okhulumela uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo, uSingabakho Nxumalo esitatimendeni uthe lesi sigameko asisihle futhi kuyisenzo sosomathuba.

Uthe bazothathelwa izinyathelo ezinqala labo abahlasela abezokuhlunyeleliswa kwezimilo.

“Lezi zikhulu zigwazwe yiziboshwa ngesikhathi zivula izitokisi zazo ukuze zihlolwe ekuseni. Lesi sigameko ngesomathuba, futhi uMnyango ngeke ukubekezelele izenzo zalolu hlobo,” kusho uNxumalo.

Uthe abenzi balesi senzo sobulwane sebekhonjiwe kanti bazobhekana nezinqubo zokuqondiswa kwezigwegwe kanye nokubekwa amacala obugebengu.

“Ngeke size sixolise ngesinqumo sethu sokubuyisa ukuhleleka ngezindlela esizitholayo noma nini lapho uMbuso uhlaselwa,” esho.

UNxumalo uthe uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo uzosebenzisa amandla adingekayo kulabo abahlasela izikhulu zawo.

Lesi sigameko senzeke ngemuva kokuthi esinye isikhungo sokuhlunyeleliswa kwezimilo e-KZN eMzinto sishiswe yiziboshwa ebezizama ukweqa. Isiboshwa esisodwa sishonile ngemuva kokuthi seqe ophahleni sase siwela phansi.

Izihloko zakamuva