Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Onogada ababili badutshulwe baphuthunyiswa esibhedlela ngesikhathi bezama ukuthola imoto eyebiwe ngoLwesibili ntambama elokishini iSamora Machel, eKapa.
Okhulumela amaphoyisa aseWestern Cape uCaptain FC van Wyk uthe amaphoyisa ayaphenya ngalesi sigameko.
“Amaphoyisa athole isikhalo ngokudutshulwa konogada. Ngesikhathi befika bathole ukuthi onogada ababili bebelandela umkhondo wemoto edumwe eBellville ngasekuqaleni kwenyanga. Abasolwa abangaziwa badubule bebhekise kubona,” kusho uVan Wyk.
Bobabili onogada baphuthunyiswe esibhedlela esiseduze ukuze bathole ukwelashwa. Imoto eyebiwe idonswe esiteshini samaphoyisa eBellville ukuze kuqhutshekwe nophenyo.
Isakhamuzi uLungelo Fulanisi, oyisakhamuzi saseSamora Machel, ujabule ngokuthi onogada basinde kulesi sigameko.
“Ngiyethemba ukuthi bazolulama. Indawo yethu iyindawo okudunwa kakhulu izimoto kanti nobugebengu buphezulu. Isikhathi esiningi agagilwa bayabulawa,” usho kanje.
Wengeze ngokuthi izakhamizi zivame ukuzizwa zingaphephile.
“Wonke umuntu uyazi ukuthi izimoto eziduniwe zitholakala eSamora nasePhilippi. Siyazibona lezi zinto kodwa siyesaba ukuzibika ngoba asiwathembi amaphoyisa. Ukudutshulwa konogada kukhombisa ukuthi abaduni bayingozi.”
Esithombeni esingenhla: Onogada ababili basesibhedlela ngemuva kokudutshulwa bezama ukuthola imoto ebidunwe eSamora Machel, eKapa.
Umthombo: Sithunyelwe