Onogada ababhikishela amaholo angakhokhiwe bavale amasango esikole samabanga aphakeme

Elmon Tshikhudo

Ikusasa labafundi abangaphezu kwabangama-500 besikole samabanga aphakeme i-Lemana e-Limpopo limisiwe ngenkathi onogada bebanqabela ukuthi bangene emagcekeni esikole.

Selokhu kuvulwe izikole ngesonto eledlule, abafundi abakaze balibone ingaphakathi lamakilasi kulandela umbango weholo nenkampani eyayinenkontileka yokuqapha isikole ngesikhathi sisalungiswa ngonyaka odlule.

Inkampani yonogada ithi ayikaze ikhokhelwe isikhathi esingaphezu kwezinyanga eziyi-15 futhi ngenxa yalokho ivale isikole, esasibizwa nge-Lemana College phambilini.

Njengoba izivivinyo zokugcina sezisondele nesifo se-Covid-19 sisayingxenye enkulu kakhulu yonyaka wabo wokufunda, kungenzeka ukuthi abafundi balahlekelwe unyaka wonke wemfundo yabo.

U-Annah Muswazi, oyilungu lekomidi eliphethe lesikole uthe ngesikhathi kuvulwa izikole ngekota yesine bathole amasango evaliwe.

“Sikhulume nenkampani egada isikole esitshele ukuthi ivale isikole ukuze izonakwa ngumqashi wayo osekuphele izinyanga engabakhokheli,” esho.

“Besingaqondi ukuthi kungani befaka izingane zethu odabeni lwabo”.

Uthe kuyakhathaza lokho ngoba abafundi bebanga le-12 kulindeleke ukuthi baqale ukubhala izivivinyo ngesonto elizayo.

“Ikusasa lezingane zethu licekelwa phansi ngenxa yento engahlangene nazo,” esho.

UMuswazi uthe isimo sishube kakhulu ngoba umnikazi wenkampani akafuni ukuhlangana nabo.

“Kade sizama ukuba nomhlangano naye, kodwa njalo uthumela omunye wabasebenzi bakhe ukuthi azohlangana nathi,” kusho uMuswazi.

“Khonamanjalo sihlela enye indawo yokufunda yabafundi njengokungenelela kwesikhashana”.

UShiluba Mahlawule, ofunda ibanga le-12 kulesi sikole, uthe ukuvalwa kwesikole sabo kufike ngesikhathi esibi kakhulu.

“Simatasa nezibuyekezo kanti manje uhlelo lwethu seluphazamisekile. Lokhu kubuhlungu kakhulu,” esho.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo e-Limpopo uTidimalo Chuene uthe bakhathazekile ngesimo esikhona esikoleni futhi balandela zonke izindlela ezingaba khona ukuxazulula lezi zinselelo.

“Mayelana nokukhokhwa kwabahlinzeka ngemisebenzi, amarekhodi ethu nalawo oMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi, Imigwaqo kanye Nengqalasizinda akubonisi noma ngubani owethu ekweleta noma yimuphi umhlinzeki wezidingo emagcekeni esikole. Sizothola ukuthi ngubani obhekene nokukhokha futhi sizophawula ngokuhamba kwesikhathi,” kusho uChuene.

Izihloko zakamuva