Ongumpetha wethenisi angase athathe umhlalaphansi

Dylan Bettencourt

URafael Nadal ongumpetha wethenisi uhlule uCasper Rudd ukuze athole isicoco sakhe se-14th French Open.

Lo mdlali wase-Spain uvame ukuchazwa njengenkosi yethenisi futhi ukubonisile lokho ngeSonto ntambama ngesikhathi ewina i-Grand Slam yesibili yonyaka ngamaphuzu amakhulu. 

UNadal ubehamba phambili ngo 6-3, 6-3. 6-0 okumenze wawina isicoco. 

Lo mdlali oneminyaka engu-36 ubudala welule irekhodi lakhe le-Grand Slam njengoba esenemidlalo engu-22 ayinqobile. Uhamba phambili ngemidlalo emibili okudlula uNovak Djokovic noRoger Federer.

UNadal uphinde waligcina irekhodi njengoba engakaze  ahlulwe kowamanqamu we-French Open.

Uphinde wavelela ngokuba ngumpetha wabesilisa omdala kunabo bonke kulo mqhudelwano.

Ngemibiko namahemuhemu okuthi lo mhlawumbe umdlalo wakhe wokugcina uNadal edlala kwi-French Open ubenenhloso ngesinyathelo sakhe kusukela ekuqaleni.

Imbangi yakhe uRuud ungene kowamanqamu engowesishiyagalombili kulo mqhudelwano wakhombisa ukudlala ngokuzimisela, kodwa uhlulwe khona kunjalo.

Lo mdlali wase-Norwegian ungomunye wabadlali abashesha kakhulu futhi onamandla, kodwa uNadal udlale ngokukhalipha futhi wasebenzisa i-backhand ukwenza uRuud buthaka.

Kusukela sebedlala isethi yesibili kuya phambili, bekubukeka sengathi uNadal uzophuma e-Paris njengowinile.

URuud akazange alithole ithuba lokudlala ngendlela ayifisayo futhi akakwazanga nokwenza izitayela adume ngazo ngenxa yokuthi uNadal ubedlala ngokukhalipha. 

Isethi yamanqamu idalule ukuhlulwa kukaRuud owehlele ohlangothini lwe-bagel yesi-21 kumdlalo wamanqamu we-French Open lapho umdlali ewina yonke imidlalo eyisithupha yesethi.

UNadal njengoba kunemibiko yokuthi ucabanga ukuthatha umhlalaphansi, kodwa ukukhombisile ukuba umpetha wethenisi.

Manje usewine izicoco ezimbili ze-Grand Slams yalo nyaka ngemuva kokuthatha isicoco se-Australian Open ngoMasingana.

Ukulimala onyaweni okungapheli kungase kuphoqe uNadal ukuthi athathe umhlala phansi, kodwa lo mphumela uqinise ifa lakhe njengomunye wabadlali bethenisi abakhulu kunabo bonke abake baba khona.

I-Grand Slam elandelayo i-Wimbledon ezoqala ekupheleni kukaNhlangulana.

Umthombo wesithombe: @QueensTennis

Scrolla World Cup Quiz