Everson Luhanga
Owesifazane oyedwa udutshulwe esiswini kanti kubikwa ukuthi kubonwa ngokusa kuyena esibhedlela ngemuva kokuqubuka kwengxabano phakathi kwamalungu eDudula nabanikazi bezitolo abaphuma emazweni angaphandle e-Alex ngoLwesibili.
Kukholakala ukuthi lona wesifazane olimele ubeyingxenye yomkhankaso weDudula. Kusolwa ukuthi udutshulwe ngonogada.
La malungu eDudula achithe usuku lwangoLwesibili ebhidliza, eshisa izitolo futhi ehlola nomazisi babanikazi bezitolo. Leli qembu lithe lizoqhubeka nomsebenzi walo nsuku zonke phakathi noNhlolanja kuze kube abaphuma emazweni angaphandle bayaphuma kuleli.
Sekuphele usuku lwesibili onogada abavikela izitolo ngasenxanxatheleni yezitolo i-Pan Africa bevulela ngenhlamvu bebhekise kumalungu eDudula, belwisana nabaphuma emazweni angaphandle kusukela ngeSonto.
Lezi zingxabano ziza ngemuva kodlame lwangoMsombuluko lapho okudutshulwe khona owesifazane obezithwele ekhanda – okusolakala ukuthi udutshulwe ngonogada abaqapha izitolo.
Lokhu kuholele ekutheni kulimale amalungu amane eDudula okukholakala ukuthi adutshulwe e-Alex, kwaphinde kwalimala nomdayisi wasemgwaqeni odayisa izitshalo. Amaphoyisa athe ngoMsombuluko kuboshwe onogada abathathu kanti okhulumela amaphoyisa esifundazweni saseGauteng uBrigadier Brenda Muridili uthe amaphoyisa aphenya amacala okuzama ukubulala.
Ngolwesibili:
Ababhikishi babhidlize bashisa izitolo okusolakala ukuthi ngezabanikazi bamabhizinisi abaphuma emazweni angaphandle.
● Amaphoyisa ahlulekile ukuvimba isixuku ukuthi singabi nodlame. Ngezithuba zasemini, kuthunyelwe amanye amaphoyisa nezimoto ezimakiwe ezivela emahhovisi kazwelonke nawezifundazwe ukuthi azogada enxanxatheleni yezitolo i-Pan Africa.
● Abanikazi bezitolo abaningi ababambane ngezihluthu nesixuku seDudula ukuze bahwebe bese belungise omazisi babo ukufakazela ukuthi bangabaseNingizimu Afrika futhi bahweba ngokusemthethweni. Yize abanye abadayisi bekhombise omazisi babo, batshelwe ukuthi ababona abantu baseNingizimu Afrika futhi nomazisi babo batholakala ngomgunyathi.
● Ngesikhathi amalungu eDudula ezulazula enxanxatheleni yezitolo, onogada basebhusha bavulele ngenhlamvu. Amaphoyisa abesendaweni yesigameko asiqinisekisile lesi sigameko ku-Scrolla.Africa, kodwa awazange anikeze imininingwane.
USihlalo wegatsha leDudula Operation e-Alexandra, odume ngelikaMsayza uthe abesilisa ababili, oyedwa obemi phezu kophahla lwebhusha nomunye obengaphakathi esitolo, bavulele ngenhlamvu kubabhikishi – ngokusobala besaba ukuthi amalungu eDudula afuna ukuphanga ibhusha.
“Onogada bebedubula budlabha bebhekise ngakithi. Kudutshulwe izinhlamvu ezingaphezu kwezingu-10 futhi izinhlamvu zihlale esiswini selungu lethu lesifazane. Simphuthumise emtholampilo wendawo i-Alexandra Masakhane nokuyilapho adluliselwe khona kwesinye isibhedlela,” kusho uMsayza.
UMsayza uthe amalungu enhlangano abebhikisha ngokuthula futhi awakaze agqekeze nesisodwa isitolo selokhu eqale imibhikisho yawo ngeSonto ekuseni. “Asikaze sithinte noma yisiphi isitolo noma ukuzama ukugqekeza”. Kodwa-ke, amalungu eDudula abonakale ebhidliza futhi eshisa izitolo ngoLwesibili.
● UMsayza uthe amalungu eDudula ahlele ukuhlala eduze kwezindawo lapho okuxoshwe khona abaphuma emazweni angaphandle, ukuze “abheke ukuthi ngobani abanikazi balezi zitolo ezikule nxanxathela yezitolo”.
Amalungu eDudula asemaningi kakhulu ukudlula ayekhona ngeSonto nangoMsombuluko njengoba bekunamalungu amaningi abejoyina lo mkhankaso. Kwesinye isitolo amalungu athole abantu base-Nigeria acela amaphoyisa ukuthi aseshe imoto yomunye wabaphuma emazweni angaphandle ngenhloso yokubheka ukuthi akadayisi yini izidakamizwa. Amaphoyisa aseshe imoto ngesikhathi wonke umuntu ebhekile kodwa akutholakalanga lutho emotweni.
Njengoba zisavaliwe izitolo ezacekelwa phansi zaphinde zagetshengwa ngoNtulikazi nyakenye, abadayisi abaningi banovalo lokuthi izitolo eziphethwe yizakhamizi zakuleli nabakwamanye amazwe zizocekelwa phansi ngendlela efanayo.
Umnikazi webhizinisi uSolomon Nekai uthe basazama ukuvuka. “Kusafanele sikhokhe irenti futhi akukho nzuzo eyanele selokhu abahlali beqale ukuhlasela kwabo,” usho kanje.
USolomon uvumile ukuthi abantu bayahlupheka elokishini futhi kusezandleni zikahulumeni ukuthi akulungise lokho. “Uhulumeni akakhulumi ngezindaba ezithinta ukuqashwa kwezakhamizi,” esho.
Umnikazi webhusha nesitolo sokudla odabuka e-Portugal, oseneminyaka engu-30 ekuleli bhizinisini, uthe nakuba asinda kwiuzidubedube zangoNtulikazi, uyesaba ukuthi lolu dlame olulwisana nabaphuma emazweni angaphandle luzobeka ibhizinisi nokutshalwa kwezimali engcupheni.