Lubhalwe nguThabisa Ndzindzwa
Uthisha ongasebenzi usephendukele ekubhakeni ukuze enze imali!
USfiso Moyo (25) othweswe iziqu eNdakeni e-Eastern Cape ubengenalo ithemba lokuthola umsebenzi ngemuva kokuthi inkontileka yakhe yokufundisa yezinyanga eziyisishiyagalolunye iphele ngo-2020.
Kodwa ephethe u-R200 kuphela ephaketheni lakhe waqala ukubhaka ama-scones futhi ebewadayisa endaweni yangakubo. Namuhla uphila impilo emnandi njengoba enendawo yakhe yokubhaka.
“Kusukela ekuqaleni phansi kuya ekubhakeni ama-scones amnandi!” Kusho uMoyo utshele i-Scrolla.Africa.
“Ngabhalisa ibhizinisi lami ngokusemthethweni ‘i-Bhaka like a King’ ngase ngifaka isicelo soxhaso kwi-NYDA. Ngenhlanhla ngathola uxhaso ngoMandulo nyakenye.”
Ngenxa yalolu xhaso uMoyo ukwazile ukuthenga imishini yokubhaka nokuyinto eyamenza wakwazi ukwandisa ukudla kwakhe ngokubhaka isinkwa namakhekhe, ngaphezu kwama-scones akhe.
Wafunda ukubhaka kumama wakhe nakumngani futhi wathuthukisa amakhono akhe ku-YouTube.
“Ngesikhathi ngiqala kwakungasilo ikhekhe,” kuvuma uMoyo.
“Kwadingeka ukuthi ngiboleke imali kubangani ngisho nakomashonisa ukuze ngandise ibhizinisi lami.”
Nakuba ibhizinisi lakhe libe nezihibe okuhlanganisa nokulahlekelwa iziphaza ezintathu zasendaweni ngenxa yezinkinga zezinto zokuhamba, uMoyo usazinikele embonweni wakhe.
“Ukuze ibhizinisi lami liqhubeke kwadingeka ukuthi ngilungise kabusha uhlelo lwami lokubhaka nokuthi ngiluqondanise nezigaba zokucishwa kukagesi nokuyinto ebingelula,” esho.
“Kodwa njengosomabhizinisi ozinikele ngigxile kakhulu ekuthuthukiseni ibhizinisi lami futhi ngithanda ukuziphatha.”
Njengamanje uMoyo ubhakela imicimbi, udayisa emphakathini nakwesinye isitolo sesiphaza sendawo.
Ngezinsuku ezingekho matasa kakhulu ubhaka izinkwa ezingu-40, kanti ngezinsuku ezimatasa ubhaka ezingu-80 noma ngaphezulu.
Ama-scones kanye namakhekhe akhe a-odwa kusenesikhathi futhi uhlezi efuna izindlela zokwandisa ibhizinisi lakhe.
“Qaphelani usefikile umbhaki oneziqu zokufundisa!”
Esithombeni esingenhla: USfiso Moyo nemikhiqizo yakhe yokubhaka
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe