Oneminyaka eyikhulu wephule irekhodi lika-100m

Dylan Bettencourt

ULester Wright, ohlanganise iminyaka eyikhulu ngosuku olwandulela ancintisane ngalo emjahweni ka-100m, akazange angenele lo mjaho ukuzohlulwa.

“Uma uzogijima emjahweni, kufanele ugijime ngempela uzame ukuwina,” kusho uWright etshele i-Fox 29.

“Angazi ukuthi ungagijima kanjani emjahweni ukuze ube ngowesibili noma wesithathu.”

UWright ungenele lo mjaho emqhudelwaneni we-Penn Relays ngoMgqibelo lapho agijime khona ku-100m ngemizuzwana engu-26.34, edlula irekhodi langaphambilini lemzuzwana engu-26.99 okwenza uWright abe ngoneminyaka eyikhulu osheshayo emlandweni.

Ushaye irekhodi laphambilini, elaqoshwa ngo-2015 ngowaseNgilandi, ngaphezu kwesigamu somzuzwana.

Umsebenzi kaWright wokusubatha waqala eminyakeni engu-80 edlule. Umakadebona weMpi Yezwe yeSibili wakuthathela ekhanda ukugijima phakathi kweminyaka yango-1930 ngaphambi kokuba aphoqeleke ukuthi abambezele umsebenzi wakhe wokugijima ukuze aye empini.

Wasebenza ophikweni oluhlukanisiwe emabhishi ase-Normandy naseMpini yase-Bulge futhi wakhushulelwa esikhundleni sokuba ngusayitsheni ekupheleni kwempi.

UWright wabe eseqala ukugijima kwathi eseneminyaka engu-30  akazange asabheka emuva.

Kodwa-ke, njengebhodlela lewayini elimnandi, waba ngcono ngokukhula. Wephula irekhodi lika-200m labeneminyaka engaphezu kwengu-75 ngesikhathi eneminyaka engu-76.

UWright akazincomi yedwa ngempumelelo yakhe, uhlanganyela impumelelo yakhe no-Adele, umkakhe weminyaka engu-80.

“Unginikeze izeluleko ezibalulekile ngaphambi kokuthi ngiqale umjaho. Ungitshele ukuthi ngiqede umjaho wami,” usho kanje.

Lezi zithandani zisebenze ebhizinisini lokuhlinzeka ngamazinyo iminyaka engu-40, sonke lesi sikhathi bebeziqeqesha ndawonye futhi bekhulisa umndeni manje ohlanganisa isizukulwane.

Lokhu kungase kungabi okokugcina sibona uWright egijima efinyelela entanjeni njengoba ephakamisa ukuthi angase abuyele ku-Penn Relays ngo-2023.

Umthombo wesithombe: @USAToday

Izihloko zakamuva