Kamogelo Muvhenzhe
Sekuyiminyaka, imindeni yabo ixwayisa ngokuthi ubudlelwane babo obuhlukumezayo bunobuthi futhi yabeluleka ngokuthi bahlukane.
Baze baxwayisa ngokuthi omunye uzophuma ngebhokisi lomngcwabo.
Lezi zithandani, ezivela esigodini sase-Majeje e-Phalaborwa, zinendodana eneminyaka emine ubudala futhi bezihlala ndawonye yize izimpi zabo zokuhlukumezana bezenzeka njalo ngesonto.
Kodwa ngoMgqibelo, impi yabo yezibhakela iye kwelinye izinga. Isexwayiso sabazali babo siphenduke saba njengoba bebesho ngenkathi intombi eneminyaka engama-21 ubudala igwaza isoka layo ilibulala ngebhodlela likabhiya eliphukile.
Intombi ithole imininingwane yokuthi isoka layo, uThemba Chabalala oneminyaka engama-36, belisendaweni yokucima ukoma lijabulela ubhiya nomunye wesifazane yabe isiphuthuma lapho eliphuza khona. Yathukuthela yagana unwabu ngenkathi ibona isoka layo lihleka nomunye umuntu wesifazane.
Okhulumela umndeni wakwaChabalala uRichard Mabuza uthe ofakazi babatshele ukuthi lo wesifazane nomufi bebelwa ngesikhathi intombi iphula ibhodlela likabhiya igwaza isoka layo kaningi entanyeni.
UChabalala uqinisekiswe njengoshonile endaweni yesigameko ngabosizo lokuqala.
“Sisashaqekile ukuthi indodana yethu ibulewe ngowesifazane ebimthanda, kodwa bebelokhu belwa njalo futhi bebelimazana njalo. Sabakhuza ukuthi lokhu kuzokwenzeka futhi sekwenzekile,” kusho uMabuza.
UMabuza uthe kuyishwa ukuthi abakaze bayilalele imindeni yabo kanti manje indodana yalezi zithandani ayinabazali njengoba ubaba wayo eseshonile nomama wayo esejele.
Osolwa ngokubulala uvele kafushane ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yase-Lulekani ngoLwesibili icala lahlehliselwa umhla ziyi-13 kuNcwaba ukuze kuzofakwe isicelo sebheyili ngokusemthethweni.
Okhulumela i-NPA uMashudu Malabi-Dzangi uthe umsolwa uzinikele emaphoyiseni.
“Amaphoyisa aqoqa imininingwane eminingi ezosiza i-NPA futhi ngethemba lokuthi umndeni wakhe uzoduduzeka bese kwenziwa ubulungiswa,” kusho uMalabi-Dzangi.
Indodana encane yalezi zithandani izohlala inakekelwa yizihlobo zayo.