Omunye owadingiswa wase-Rwanda ubulewe eNingizimu Afrika

Everson Luhanga

Isishoshovu sezombusazwe sase-Rwanda nobengusomabhizinisi uSeif Bamporiki udutshulwe wabulawa eNyanga, eKapa ngeSonto ntambama.

Abasolwa bathathe omakhalekhukhwini kanye nezikhwama zemali ngaphambi kokuba babaleke endaweni yesigameko.

Amaphoyisa ase-Western Cape athi akholelwa ekutheni ukubulawa kukaSeif Bamporiki bekuwukuphanga.

Kodwa-ke, baningi abaphikisi bezepolitiki base-Rwanda bakaMengameli uPaul Kagame asebebulewe eNingizimu Afrika eminyakeni edlule.

UBamporiki wayengumxhumanisi we-Rwanda National Congress eNingizimu Afrika.

Ekhuluma nabakwa-Scrolla.Africa, okhulumela amaphoyisa ase-Western Cape uColonel uAndre Traut uthe izimo eziphathelene nokubulawa ziyaphenywa ngamaphoyisa aseGugulethu.

Uthe lesi sigameko senzeke ngeSonto ntambama ngezithuba zangabo-16: 20 e-Europa squatter camp.

UTraut uthe kusolakala ukuthi umufi nomunye wesilisa oneminyaka engama-50 bebehambise umbhede kule ndawo ngesikhathi kufika abasolwa ababili abangaziwa.

“Umufi wadonswa emotweni yakhe wadutshulwa, kwathi owesilisa oneminyaka engama-50 owayehamba naye wakwazi ukubaleka engenamyocu.

“Abasolwa abasazoboshwa babaleke nemoto kamufi futhi sikholelwa wukuthi imbangela yokubulala bekuwukuphanga,” kusho uColonel Traut.

UTraut utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokubulala.

Ilokishi laseNyanga eKapa lingezinye zezindawo ezidume kakhulu ezinesibalo esiphezulu samacala okubulala ezweni.

Ezinye izishoshovu zase-Rwanda ezihlaselwe eNingizimu Afrika kubalwa kuzo:

● UCamir Nkurunziza, owayeyilungu le-Rwanda National Congress owayebaleke e-Rwanda ngemuva kokusebenza engunogada kaMengameli, naye wadutshulwa wabulawa eKapa ngowezi-2019

● Ngowezi-2013, omunye wabasunguli be-Rwanda National Congress, uPatrick Karegeya, wabulawa egumbini lakhe lasehhotela e-Sandton

● Umuntu ophikisayo, uKayumba Nyamwasa, wasinda emizamweni wokumbulala ngowezi-2010 eGoli.

Umthombo wesithombe: DailyMaverick

Izihloko zakamuva