Sizwe Sibiya
Eminyakeni emithathu edlule uMzansi ubone kumosheka imisebenzi yabaculi abaningi abangomrepha besilisa ngoba abathandi bomculo sebegxile kuma-piano, okuwuhlobo lomculo olubusayo kuleli.
Ngezimpawu ezibolekiwe zezinhlobo ezithandwa kakhulu eMzansi, ama-piano ebebophekile ukuba abuse kuleli.
Amavesi e-kwaito, i-hip hop nezinsimbi athonywa kakhulu i-jazz nomculo we-deep house. Kukhona yonke into yomthandi womculo ofakwe endaweni eyodwa ebizwa ngokuthi ama-piano.
EThokoza, e-Ekurhuleni, umrepha wesifazane womculo wohlobo lwe-lyrical uNomfundo Yekani usabalale kakhulu ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuvela kwi-Podcast and Chill kaMacG ngoMsombuluko.
“My name is Nomfundo Yekani, the daughter of Zweli and Phumla Yekani” kucula lo mrepha engomeni yakhe ethi-“31st July”, okuwusuku lwakhe lokuzalwa nosuku ashonelwa ngalo ngumama wakhe ngo-2008, konke lokhu ukudalula engomeni.
“I-31st July” ingoma yokuqala kweziyisikhombisa kwi-albhamu yakhe yango-2020 enesihloko esithi-Alpha.
Yize ekhule “edonsa kanzima” enobaba kanye nomfowabo, uthe wakwazi ukubhalisa enyuvesi ngemuva kokuphothula umatikuletsheni ngo-2015, kodwa wayeka ukuze afeze iphupho lakhe lokuba ngumculi okhokhelwayo.
Umsebenzi wakhe usaqhakaza. Kodwa omrepha abambalwa besifazane abasebenze endimeni yezentengiselwano iminyaka eyishumi edlule – njengoNadia Nakai, uRouge kanye noGigi Lamayne – abakwazi ukungena kuma-piano njengabanye omrepha besilisa. Isikhala somrepha wesifazane sizoba sikhulu kakhulu ukuthi singavalwa.
UReason, owaziwa ngelikaSizwe Alakine kuma-piano, ungomunye womrepha, kubalwa no Cassper Nyovest, okhiphe i-albhamu yama-piano ukuze andise isibalo sababhukhayo.
Kodwa lokhu kwenzeke ngemuva kokukhula kohlobo lwe-hip hop yaseNingizimu Afrika phakathi kwango-2009 nango-2018, lapho umrepha uKwesta aletha abaculi bamazwe ngamazwe, abafana noRick Ross kanye noWale, ukuzothwebula amavidiyo omculo ezingomeni ababefakwe kuzo.
Ukwehluleka kwezinkampani ezimbalwa eziqopha umculo we-hip hop ezifana ne-RapLyf ukukhulisa amakhono abaculi bomculo we-rap abafana noKid X, uMakwa kanye noKwesta, ukubala abambalwa, kuholele ekwehleni kwedumela le-hip hop yaseNingizimu Afrika.
Amanye amalebula afana ne-Ambitious Entertainment kanye ne-Cash Time life nawo abe nomthelela ekuweni komrepha abaningi besilisa eNingizimu Afrika.
“Ngiyabonga ma-Chillers emhlabeni wonke ngokunginika indlebe….ngingakha kusukela lapha manje….ngijabule ngesiqalo esisha,” kubhala uNomfundo ku-Twitter ebonga abalandeli ababizwa ngelika’Chillers’, be-Podcast and Chill kaMacG eholwa nguMacGyver ‘MacG’ Mukwevho kanye noSolomzi ‘Sol’ Phenduka ku-YouTube.
Umthombo wesithombe: @NomfundoYekani