Ompetha bethenisi bazohlangana futhi kwi-French Open

Dylan Bettencourt

Uzobe ushubile umdlalo owandulela owamanqama we-French Open uma uRafael Nadal esebhekene noNovak Djokovic.

Ngemuva kokuphuthelwa imidlalo e-Australia ngenxa yendaba yakhe yokugoma ekuqaleni konyaka uDjokovic kudingeke abukele imbangi yakhe uNadal enqoba zonke izicoco obekumele ngabe zithathwa nguye.

UDjokovic noRoger Federer banezicoco ze-Grand Slam ezingu-20 umuntu ngamunye kodwa njengoba i-Australian Open ingomunye wemiqhudelwano oyintandokazi e-Serbia uzizwe eyintandokazi ukunqoba nokubanga isicoco sakhe esenze zaba ngu-21.

Lo mdlali wase-Spain uthathe lesi sicoco kanye nokuhlonishwa ngokuba ngumdlali wethenisi wesilisa wokuqala ukunqoba ama-Grand Slam angu-21.

Nokho-ke njengoba sekuqala ukukhunjulwa le ndaba yase-Australia uDjokovic unephuzu azolifakazela e-France futhi lokho kungase kuqale ngokuhlula lo mdlali othathe isicoco e-Australia.

UNadal nokho uchazwa njengenkosi yobumba owine i-French Open izikhathi ezingu-13.

Kodwa ukulimala kumkhungethe futhi ube nempi eyathatha amahora amane ebhekene noFelix Auger-Aliassime wase-Canada emdlalweni othokozisayo wamasethi amahlanu we-quarter final.

Ukunqoba kuka-Nadal ngo 3-6, 6-3, 6-2, 3-6, 6-3 ebhekene noDjokovic kwenze umdlalo wanzima ngesikhathi emhlula.

Ukuhlangana kwalaba okwesi-59 kuzokwenzeka ngoLwesithathu.

Lona ngumdlalo weshumi phakathi kwalezi zimbangi ezimbili kwi-French Open kulandela umbango owaqala ngonyaka ka-2006.

“Sazana kahle futhi sinomlando omningi. Into engingayisho ukuthi ngizogxila ngizame konke okusemandleni ami ngilwe kuze kube sekugcineni,” kusho uNadal oneminyaka engu-35 ngemuva kokunqoba kwakhe.

UDjokovic ubesefomini enhle kwi-French Open futhi ubukeka ebuyele ezingeni lakhe njengoba ezama ukulinganisa i-Grand Slam kaNadal esewonke.

Kanye nokufuna ukwengeza enye i-Grand Slam egameni lakhe uDjokovic uzimisele ukuvikela isicoco sakhe e-France ngemuva kokubanga isicoco sangonyaka odlule.

Umthombo wesithombe: @TennisWorld

Izihloko zakamuva