OMeya baKwaZulu Natal ababhekene namacala azoyigcina imisebenzi yawo

Celani Sikhakhane

Iqembu le-ANC liphika izinsolo zokuthi bazokwehlisa omeya ababili esikhundleni ngenxa yamacala ababhekene nawo, lithi lamacala awahlangene nemisebenzi yawo.

Amaqembu epolitiki ahlukene afaka ingcindezi kwiqembu elibusayo I-ANC ukuba basukumele loludaba. 

IMeya eyibamba laseNewcastle u-DR Ntuthuko Mahlaba beno Vincent Madlala oyiMeya kamasipala i-Alfred Duma endaweni yaseLadysmith baphumile ngebheyili ngemuva kokuboshelwa amacala ahlukene.

UMahlaba ubekwe icala lokuhlasela usonkontileka we-IT kuMandulo ngowezi-2020. Lelicala lenzeka ngenkathi usonkontileka ephendula kabi umbuzo owawubuzwe iMeya ngenkathi imubuza ukuthi yingobani eqhubeka nokufaka i-fibre network ekubeni ifemu imutshele ukuthi akame ngokusho kombiko.

Abagada iMeya nabo bayabandakanyeka ekuhlaseleni babekwe icala lokulimaza ngenhloso, icala lokucekela imphahla kanye nelokuntshontsha, icala lihlehliselwe mhla zingama-26 kuNcwaba.

UMadlala uboshwe ngoLwesibili kanye namalungu omndeni wakhe ngemuva kokuba ephazamise ukuseshwa komuzi wakhe waseZakheni.

Okhulumela iqembu le-ANC laseNingizimu Africa uNhlakanipho Ntombela uthe lamacala awahlangani nemisebenzi yabo.

“Icala labo alihlangene nomsebenzi wabo futhi I-ANC angeke ibaphoqelele ukuba bame kwimisebenzi yabo,” kusho uNtombela.

UNobhala jikelele weNational Freedom Party utshele iqembu elibusayo le-ANC ukuba imise uMadlala beno Mahlaba ukugwema udlame kumphakathi.

Uchaze uMahlaba no Madlala njengamaMeya “ahluphayo”.

“Asikwazi ukuphathwa ngamaMeya ekumele njalo ahambe icala elinezinsolo ezinzima. Kungawulungela umphakathi abawusebenzelayo ukuba ubasuse esikhundleni ngokukhulu ukushesha,” kusho uMdletshe.

UMahlaba benoMadlala asibatholanga komakhalekhukhwini babo ukuba baphendule imibuzo.

Leliqembu abakulo bobabili le-ANC libuze I-NFP ukuthi bamephi kuloludaba njengoba beyichaze njento engenangqondo futhi eyosomathuba.

Izihloko zakamuva