Omasipala bayahluleka ukunikeza abantu abafanelekile ugesi wamahhala

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

UNgqongqoshe wezaMandla uDkt Kgosientsho Ramokgopa udalule ukuthi ingaphezu kuka-8 million kwengu-10 million imindeni ehlwempu ebhalisiwe eNingizimu Afrika engawutholi ugesi oyisisekelo wamahhala okufanele engabe iwuphiwa nguHulumeni.

Inkinga ukuthi omasipala abababhalisi ngendlela abantu abafanelekile ukuthola ugesi wamahhala.

Ekhuluma eTshwane ngoMsombuluko, uRamokgopa udalule ukuthi ngisho abantu abakhokha izikweletu ngesikhathi bayathinteka ngenxa yokunqanyulwa kukagesi.

Ukhulume ngokubaluleka kokuvikela labo abangakwazi ukukhokha izikweletu zabo ngenxa yezinkinga zezimali.

“U-Eskom ukweletwa omasipala u-R78-billion, kanti omasipala bakweletwa u-R349-billion ngamakhasimende, okuhlanganisa abantu, osomabhizinisi noHulumeni,” usho kanje.

Ukuxazulula lolu daba, uRamokgopa umemezele ukuthi njengoHulumeni basebenzisana nezinkampani ezizimele ukuthola izixazululo ezintsha.

Lezi zixazululo sezihlolwe komasipala abathathu: i-Dr Beyers Naudé e-Eastern Cape, iKamiesberg Municipality, kanye neNama Khoi Municipality eNorthern Cape.

Uhlelo ukuqinisekisa ukuthi omasipala babheka izindlela zokusingatha izikweletu ngaphandle kokulimaza izimali zabo.

Omasipala ababili esifundazweni ngasinye, ikakhulukazi labo abanezikweletu eziningi, bazokhethwa ukuthi bazame lezi zixazululo.

Osesithombeni esingenhla: uDkt Kgosientsho Ramokgola.

Umthombo: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva