Omasipala baseKZN bakweleta u-Eskom izigidi

Celani Sikhakhane

I-Covid-19 nothaqa kusolwa ukuthi iyona mbangela eyenze omasipala abaningi baKwaZulu-Natal bahluleke ukukhokha izikweletu zabo kwa-Eskom.

UNgqongqoshe wakwa-Cogta eKZN uSipho Hlomuka ngesikhathi ethula isabelomali somnyango wakhe udalule izikweletu ezinkulu zikagesi ezenziwe ngomasipala abahlanu esifundazweni.

Omasipala abakhungethwe izikweletu kubalwa umasipala waseMsunduzi obhekene nesikweletu sika-R189 million enkampanini ehlinzeka ngogesi.

INdumeni ekweleta u-R36 million, i-Newcastle (R137 million) noLundi (R99 million).

Ngokusho kukaHlomuka, umasipala okweleta kakhulu yi-Mooi Mpofana esesifundeni saseMgungundlovu ekweleta isizumbulu sika-R293 million.

Umhlonishwa uHlomuka uthe izikweletu ezinkulu zidalwe ukuthi abantu balahlekelwe yimisebenzi ngesikhathi sobhubhane yingakho bengakwazi ukukhokha izikweletu zikamasipala, okuhlanganisa nogesi.

Kuthiwa omasipala bebebhekene nengwadla yokucinywa kukagesi u-Eskom kodwa uHlomuka uthe uMnyango wakhe uye wangenelela ukugwema ukunqanyulwa kukagesi.

Uveza ukuthi ukungenelela kwabo kube neqhaza elikhulu ekusizeni omasipala abane kulaba ukuze behlise isikweletu sakwa-Eskom.

UHlomuka uthe ekuqaleni uLundi belukweleta inkampani kagesi u-R105 million, isikweletu sase-Newcastle sasingu-R264 million, esaseMsunduzi sasingu-R199.9 million kanti esaseNdumeni sasingu-R54.2 million.

Izihloko zakamuva