Zukile Majova
Omama besonto abavela esontweni lase-Mount Ayliff e-Eastern Cape abakhombisanga nokumzwela owesilisa oneminyaka engama-56 obanjwe edlwengula intombazane eneminyaka eyisithupha.
Namuhlanje usuku lwakhe lwesikhombisa esesibhedlela ngaphansi kweso elibukhali lamaphoyisa kanti ukuvela kwakhe okokuqala enkantolo kudingeke ukuthi kuhlehliswe.
Amaphoyisa akhathazekile ngokuthi umphakathi uzomqedelela.
Lesi sigameko senzeke endaweni yase-Pepeni endaweni kaMasipala wase-Mzimvubu mhla zingama-27 kuMbasa ngesikhathi ibandla lihlele umkhuleko wobusuku bonke kulo muzi.
Okhulumela amaphoyisa uKaputeni uKhaya Tonjeni uthe: “Kusolwa ukuthi isisulu besilele nezinye izingane ezincane egumbini elilodwa. Abantu abadala babeye enkonzweni yesonto etendeni ebelikulo lelo gceke.”
Lo msolwa osolwa ngokudlwengula wenze ngathi uya enkonzweni yesonto kodwa weqa ngemuva kwehora le-9 ebusuku izingane sezitshelwe ukuthi ziyolala.
Kuthe ngezikhathi zasebusuku, ilungu lesonto layobheka izingane lathola ukuthi enye ayikho.
UKaputeni uTonjeni uthe umama wesisulu wabona ingane yakhe ingekho kwezinye izingane futhi wavusa abanye omama besonto ukuba baqale ukusesha le ndawo nakwamanye amakhaya angomakhelwane.
“Ezinye izingane zibe sezisho ukuthi uthathwe ngumsolwa,” kusho uTonjeni.
“Kwabe sekwenziwa uphenyo kanti isisulu sasisegumbini likamsolwa, embhedeni, sinqunu emzimbeni ongezansi kanti umsolwa naye wayenqunu.”
Khona lapho, abazalwane bahudulela ngaphandle lo msolwa okuthiwa ungumdlwenguli bamshaya ngezinduku nama-sjambok – nakho konke abebengakuthola.
Ikhansela lewadi uFikile Hem usiqinisekisile lesi sigameko.
Le ndoda ibhekene necala lokudlwengula nokuthumba kanti kulindeleke ivele eNkantolo yeMantshi yase-Mount Ayliff.