Olwamawele (10) aseTembisa luhoxiswe kwimikomelo ebalulekile

Indaba engamampunge eyakhishwa inkampani yabezindaba I-Independent Media ekhuluma ngezingane zase-Tembisa eziyishumi isikhishiwe ohlwini lwama-Global Media Awards.

Lolu daba olwehlisa isithunzi sobuntatheli eNingizimu Afrika lususe umsindo ngesikhathi kuvela ukuthi lendaba iqokwe “njenge-Best Use of Social Media” iqokwa inhlangano yabezindaba i-International Media Assocation.

Le ndaba eyayikhuluma ngokuzalwa kwama-decuplets e-Gauteng yaqala ukushicilelwa i-Pretoria News ngonyaka odlule.

Leli phephandaba lathi owesifazane oneminyaka engu-37 ubudala, uGosiame Sithole, ungene kwi-Guinness Book of Records ngemuva kokubeletha izingane eziyishumi.

Ngemuva kwesikhashana umndeni noMnyango wezeMpilo e-Gauteng waqinisekisa ukuthi lo wesifazane ubengakhulelwe futhi azikho izingane.

Kodwa umhleli we-Pretoria News, uPiet Rampedi ngokwesekwa i-Independent Media uphendule kabili wathi isizathu sokuthi kungabibikho noyedwa owake wazibona lezi zingane ingoba zazishushumbisiwe.

Abagqugquzeli bale miklomelo bakhiphe isitatimende ngaloludaba lwase-Tembisa bethi kukhona okubakhathazayo okukhulunywa ngakho ezinkundleni zokuxhumana okugqugquzela indaba yokudayiswa kwezingane eNingizimu Afrika.”

I-South African National Editors Forum (Sanef) ikugxekile ukushicilelwa kwalolu daba yathi akuyona inhlekisa kodwa kuphoxa ubuntatheli baseNingizimu Afrika.

Izihloko zakamuva