Okwenzeka e-Ukraine kunomthelela omubi kuShudu

Sizwe Sibiya

Bashaya amakhala abalandeli baseNingizimu Afrika ngemuva kokuthi uShudufhadzo Musida, owadla umhlanganiso kaMiss South Africa 2020, engakwazanga ukungena ngisho kwabangu-13 abahamba phambili ku-Miss World Pageant.

Abalandeli bakaMusida kudingeke ukuthi bahlale kuze kube ihora lesibili ekuseni ngoLwesine ukuze babukele lo mcimbi omangalisayo obuse-San Juan, e-Puerto Rico.

Bebezolala bedangele kabuhlungu ngemuva kokuthi uKarolina Biewleska wase-Poland eqokwe njengoMiss World 2021.

“I-Poland iwine ngenxa yesimo se-Ukraine ne-Russia. Ukuwina kweNingizimu Afrika bekungayisindisa le nhlangano,” kubhala uJohnson Awalle ku-Twitter, oqale ngokuhalalisela uKarolina.

UKarolina ungunobuhle okwamanje owenza izifundo ze-Master’s Degree in Management futhi unethemba lokuba yisikhulumi esikhuthazayo.

Kodwa e-San Juan, uMusida kanye nabahleli be-Miss SA babonge wonke umuntu obemkhuthaza ochungechungeni lwakhe lokugcina njengoMiss South Africa esiteji somhlaba.

Ingubo yakhe yenziwe ngumsiki wengqephu osezingeni eliphezulu waseKapa uWarrick Gautier.

“Ngokusuka ekujuleni kwenhliziyo yami ngifuna ukukubonga, Ningizimu Afrika yami ethandekayo, ngokungeseka kwenu okungapheli nothando engiluthole kini kulo lonke lolu hambo. Ngikuzwile emphefumulweni wami ngesikhathi ngiphuma esteji,” kubhala uMusida ekhasini lakhe le-Instagram.

Isicoco sokuqala sithathwe nguShree Saini waseMelika kwathi ophume isibili kube ngu-Olivia Yace wase-Cote d’Ivoire.

Umthombo wesithombe: @Instagram

Izihloko zakamuva