Okwenza u-Musk angazidayisi izimoto zakwa-Tesla kuleli

I-Tesla inkampani edumile yezimoto zikagesi ayizidayisi izimoto zayo eNingizimu Afrika.

U-Elon Musk ongowokuzalwa eNingizimu Afrika, ongumnikazi wale nkampani uthe lokhu kungenxa yokuthi uhulumeni waseNingizimu Afrika ukwenza kubize kakhulu ukuletha izimoto zakwamanye amazwe. Lokhu bakwenzela ukusiza abadayisi bezimoto baseNingizimu Afrika.

UMusk ku-Twitter uthe ngenxa yokuthi izimoto zikagesi azenziwa eNingizimu Afrika akuwenzi umqondo wokuthi i-Tesla idayise izimoto eNingizimu Africa ngenxa yalezi zindleko eziphezulu.

Akukhona okokuqala uMusk esho lokhu. Ngo-2019, uphinde waveza ukuthi izindleko zokuletha izimoto zakwa-Tesla eNingizimu Afrika ziphezulu kakhulu.

I-MyBroadband ibonise izindleko zokuletha izimoto ze-Tesla eNingizimu Afrika. I-Tesla Cybertruck ebiza cishe u-R1.3-million uma izolethwa kungafakwa cishe imali engu-R622,000 wentela eyengeziwe.

Uhulumeni waseNingizimu Afrika usanda kuqala ukwenza izinhlelo zezimoto zikagesi kuleli.

Bafuna ukusebenzisa imali yamazwe acebile ukusiza ukwenza izimoto zikagesi eNingizimu Afrika. Kodwa lezi zinhlelo azikenzeki okwamanje.

Yize kubiza kodwa ezinye izinkampani ziyazidayisa izimoto zikagesi eNingizimu Afrika. Sekuvele kunezinhlobo ezihlukene ezingu-27 zezimoto zikagesi ongazithenga kanti nezinye ziyeza.

Eminye imibiko ithi izindleko ezengeziwe zokuletha izimoto kuleli zincike ekutheni leyo moto iqhamuka kuphi. Izimoto ezivela e-China ngokwesibonelo zingase zingabizi kakhulu kunokuletha izimoto ezivela e-Europe

Luhlanganiswe umbhali we-Stuff

Isithombe esingenhla: U-Elon Musk.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva