Okunye ukushona kushaqisa uhulumeni waKwa-Zulu Natali

Lungani Zungu

Uhulumeni wesifundazwe saKwaZulu-Natali ukhala ezimathonsi kulandela ukushona kwesikhulu sezokuxhumana sikaNdunankulu uSihle Zikalala.

UBongani Mthethwa, owaziwa kakhulu ngesithakazelo sakhe uNyambose, ushonele esibhedlela ngeSonto ngemuva kokugula isikhashana.

UZikalala uthe: “Kungukuthuka okukhulu lokhu, akukholakali, silahlekelwe futhi sinosizi njengoba simemezela ukudlula emhlabeni okubuhlungu komxhumanisi wethu nabezindaba.”

Ngaphambi kokujoyina uhulumeni wesifundazwe, uMthethwa wasebenza njengentatheli iminyaka engamashumi. Phakathi kwamaphephandaba awasebenzelile kubalwa i-Sunday Times kanye ne-The Natal Witness (njengamanje esibizwa nge-The Witness) ezinze eMgungundlovu.

Ngesikhathi kuqhubeka kungena imiyalezo yenduduzo, abantu abaningi bachaze uMthethwa njengomuntu onomusa, okhulumela phansi, ofudumele futhi othobekile.

Ngonyaka wezi-2019, wajoyina iqembu le-ANC njengomxhumanisi wayo nabezindaba, okuyisikhundla asiphatha izinyanga ngaphambi kokuba aqashwe yihhovisi likaNdunankulu ngoMasingana.

Ukushona kwakhe kuza ngemuva kwezinsuku kushone iphini likasomlomo wesishayamthetho Kwa-Zulu Natali uMnuz Mluleki Ndobe, owazidubula esemzini wakhe oseThekwini ngesonto eledlule.

Ufihlwe ngoMgqibelo emzini wakhe oseMzimkhulu.

UZikalala uthe, uMthethwa ubambe iqhaza elibalulekile ekwesekeni uMkhandlu Wokulawulwa Kwesifundazwe i-Covid-19 oholwa nguNdunankulu.

Izihloko zakamuva