Okungavumelekile koweNdebe Yomhlaba Yabesifazane

Abalandeli abazohambela iNdebe Yomhlaba Yabesifazane bathole imiyalelo eqinile evela ku-Fifa mayelana nezinto ezivinjelwe kanye nokuziphatha.

Ngaphambi kokuba bakwazi ukuthenga amathikithi, abalandeli kufanele bamukele imigomo equkethe imiyalelo engaphezu kweyikhulu. Nakuba eminye imigomo izwakala, eminye ibonakala ingenasdingo.

Ohlwini olubonakala lungapheli, izinto ezinqatshelwe ukungena noma ukwenziwa enkundleni zihlanganisa amalangabi, iziqhumane, izibhamu, izinduku, izikhali zensimbi, izambulela ezinde, amabhola asolwandle, amabhaluni, ama-frisbees, amathoyizi aphephethekayo, nezinto ezisetshenziswa kwezobuciko bezempi nemidlalo eyingozi.

Okunye okungavunyelwe enkundleni izitebhisi, amabhentshi, izihlalo ezigoqwayo, amathuluzi okwakha nefenisha.

Ukwengeza okunye okungavunyelwe impushana emhlophe (kuhlanganisa nofulawa), amabhodlela, izinkomishi, amathini, izinto ezingamabhodlela (ngaphandle kwamabhodlela e-PET alahlwayo angangelitha elilodwa) nezinto ezithengiswayo ezinophawu.

Izinsimbi zomculo ezikhiqiza imisindo ephezulu, amavuvuzela, izimpempe, ama-megaphone, izipikha nezigubhu nakho akuvunyelwe.

Ama-bullet proof vest, ama-rollerblade, omakalabha, nezinto ezingasetshenziswa njengezikhali akuvunyelwe.

Izinto zepolitiki noma ezicasulayo ezibandlulula ngokohlanga, ubulili, ukukhubazeka, ingcebo, inkolo, nazo azivunyelwe.

Ikhodi yokuziphatha ihlose ukuvimbela ukucwasa, imiyalezo ecasulayo kanye nokuhlonza amaqembu ezigelekeqe noma amanye amaqembu aqokiwe.

Le mihlahlandlela iphambana nempikiswano eyenzeka koweNdebe Yomhlaba yabesilisa e-Qatar ngonyaka odlule, lapho izinqubomgomo eziqinile ezimelene nomphakathi we-LGBTQ+ zaletha izexwayiso ngokumelene nezinkulumo ezisekela i-LGBTQ+.

Indebe Yomhlaba Yabesifazane ezoba se-Australia nase-New Zealand eqala ngoNhlangulana mhlaka-20, kulindeleke ukuba ibe umcimbi wezemidlalo wabesifazane ozohanjelwa abantu abaningi nozoqopha umlando njengoba sekudayiswe amathikithi angaphezu kwesigidi.

Luhlanganiswe ngumbhali we-staff writer

Isithombe esingenhla: INdebe Yomhlaba Yabesifazane

Umthombo wesithombe: Fifa

Izihloko zakamuva