Konke lokhu kumayelana negagasi lesibili manje, elishaya ngamandla.
Kodwa ngale kokushona kanye nenkinga yezempilo, unyaka wezi-2020 ubulokhu umayelana nokuzamazama okulandelayo kwe-Covid.
Kuqale kwaba ukucekelwa phansi komnotho. Abantu abayizigidi ezintathu eNingizimu Afrika kubikwa ukuthi balahlekelwe yimisebenzi ezinyangeni ezimbili zokuqala kwalesi sifo kuphela, okubalwa kubo izigidi ezimbili zabesifazane.
Ebese kuba izingqinamba zezempilo yengqondo – ebangela ukuzibulala ngemuva kokulahlekelwa umsebenzi, ukudangala kanye nesizungu.
Ukuvalwa kwezikole.
Indlala yezingane zesikole. Ingxoxo ibike ukuthi nangaphambi komvalelo j izingane eziyizigidi ezi-2,5 zaseNingizimu Afrika zabhekana nendlala. Lezi zinombolo ziye zaba zimbi kakhulu ngomvalelo njengoba abasebenzi belahlekelwe yimisebenzi futhi izingane zingasatholi ukudla kwesikole kwamahhala. Ezinye izinhlangano zosizo zazama ukusiza, zinike uthando kulo mvalelo ezinganeni ezilambile.
Futhi-ke kube khona imishado ebhidlikile.