OKlebe sebebophe abantu abayisikhombisa abasolwa ngokubulala ufakazi wecala lethenda likahulumeni lokuthenga izinto zokuzivikela

Amaphoyisa aseGoli asebophe abasolwa okuthiwa bayabandakanyeka ekubulaweni kwesikhulu somyango wezempilo wase-Gauteng uBabita Deokaran ngoLwesihlanu ekuseni.

UDeokaran obeneminyaka engama-53 udutshulwe mhla zingama-23 kuNcwaba endaweni yase-Winchester Hills ngemuva kokushiya ingane yakhe esikoleni.

UDeokaran ungomunye wofakazi kwicala elibandakanya ukulahleka kwezigidi ezingama-332 kwithenda likahulumeni wase-Gauteng okwakumele lithenge izinto zokuzivikela.

Isitatimende samaphoyisa sithe balunywe indlebe abe-crime intelligence ngendawo okucashe kuyo abasolwa eGoli lapho abafike bathola khona izibhamu ezimbili kanye nezimoto ezimbili.

Amaphoyisa athe icala lidluliselwe kulabo abaphethe amacala aphezulu abucayi, baphinde bathi kungase kube namanye amacala azofakwa phezu kwalawa abanawo ngesikhathi abasolwa sebevela enkantolo.

Umthombo wesithombe: FerialHaffajee

Izihloko zakamuva