Moyahabo Mabeba
Oklebe babophe inqwaba yabantu kuleli sonto ngesikhathi kunomkhankaso wokwehlisa inkohlakalo mayelana nokungahanjiswa ngendlela kwamathenda komasipala.
Abasolwa, okukhona kubo izisebenzi zikahulumeni eziphezulu, osomabhizinisi nosopolitiki abasezingeni eliphezulu, bavele eNkantolo yeMantshi yase-Lebowakgomo ngoLwesine ngamacala okuqola umasipala wendawo i-Lepelle-Nkumpi.
Kuthiwa ngo-2015 umasipala wanikeza i-River Queen ithenda ka-R2.7 million ukuze kulungiswe ihholo likamasipala. Kuze kube manje, ukulungiswa akukakaqali, kodwa inkampani ikhokhelwe u-R1.6 million.
NgoLwesine, abasolwa – uBetty Maswanganyi, uMphathi oMkhulu kwezobuchwepheshe; uLesley Muroa, umphathi wohlelo; uMahlatse Mphahlele, oyi-quantity surveyor; uGiven Nxumalo, umqondisi wenkampani; nowayeyikhansela lesigceme uPulane Sibanda – bavele enkantolo ngalenkohlakalo.
Abasolwa abahlanu bathole ibheyili ka-R5 000 umuntu ngamunye kanti icala lihlehliselwe umhlaka-3 kuNhlangulana ngo-2022.
Kwezinye izindawo kumasipala wase-Makhado kuboshwe umshushisi, unkosikazi wakhe, umphathi wendawo, umsingathi kanye nezipoki ezingu-14 zabasebenzi ngezinsolo zokukhwabanisa amathenda.
Ngo-2016 nango-2021, uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu e-Limpopo (i-COGTA) wanikeza inhlangano ezimele iThembalethu ithenda lokuhlanza indawo yase-Makhado.
Umphathi wendawo kanye nomsingathi kusolakala ukuthi baqashe abangani namalungu omndeni njengabasebenzi ohlelweni lwabasebenzi bomphakathi.
Laba basebenzi bebengabonwa e-Makhado, kodwa njalo bebehola imali engu-R2,450 ngenyanga, kanti imali engu-R1,500 bekumele ubuyiselwe kuThembalethu.
I-COGTA ithole umonakalo olinganiselwa ku-R900 000, kanti abahlali base-Makhado abakahlomuli ngokuhlanzwa kwendawo.
Khonamanjalo, uSimphiwe Samuel Radebe (27), ugcinwe esitokisini kuze kube umhlaka-23 kuNdasa ngemuva kokuqola umasipala wase-Ba-Phalaborwa imali engu-R8 million ngesikhathi elungisela umasipala ihhotela.
“Siyakuqonda ukuthi umsolwa ubentshontsha imali kamasipala kodwa akukho sizo obelwenziwa,” kusho okhulumela oKlebe e-Limpopo uKaputeni Matimba Maluleke etshela i-Scrolla.Africa.
“Ngemuva kophenyo olunzulu uRadebe uboshwe kuleli sonto lapho esebenza khona ePitoli. Ugqunywe esitokisini kanti icala lakhe lidluliselwe enkantolo ekhethekile yamacala obugebengu e-Polokwane. Ukuthungathwa kozakwabo kusaqhubeka.”
Abakhulumela omasipala abakwazanga ukuphawula ngala macala, bathe lezi zindaba zingaphansi kwenkantolo.