Dylan Bettencourt
UShepherd Bushiri kubikwa ukuthi usefike kuleli izikhathi eziningana ngemuva kokuthi yena nomkakhe babalekela e-Malawi ngonyaka odlule.
Umndeni wakwaBushiri ubaleke eNingizimu Afrika ngasekupheleni konyaka owedlule kulandela amacala enkohlakalo, ukweba nemali engaphezu kwezigidi eziyi-R100.
Izinhlangano zokuphepha eNingizimu Afrika manje seziphenya ngezinsolo zokuthi umfundisi uBushiri usebuyele kuleli izikhathi ezingaphezu kwezimbili selokhu abaleka kuleli.
Sekuhlelwe imingcele eminingi yezokuphepha ukuze kuboshwe lezi zithandani, njengoba kubike i-City Press.
Imibiko iveza ukuthi lezi zithandani zisanda kuvakashela leli ngoMbasa ezinyangeni ezimbili ezedlule.
UNgqongqoshe Wezasekhaya u-Aaron Motsoaledi uphakamise ukuthi uBushiri kungenzeka ukuthi washushumbiswa ezweni.
“Siwamake wonke ama-passport ngakho uma engena kunoma iyiphi indawo, besizokwazi. Noma ngabe usebenzisa isikhumulo sezindiza noma imkhumbi yasolwandle, uma nje i-passport ibhekwa ngemshini, izothumela isexwayiso somuntu ofunwayo,” kusho yena.
OKlebe, kanjalo ne-State Security Agency (SSA) bayaphenya ngalesi simo – kanti zombili lezi zinhlaka kubikwa ukuthi zaziswe ngemibiko yokuthi lezi zithandani sezibuyele kaningi ezweni.
Kodwa-ke, uLieutenant General Godfrey Lebeya unqabile ukuphawula ngalesi simo, wathi, “Ngeke sikhulume ngezinto ezenzekile noma ezingakenzeki.”
Umthombo wesithombe: @BusinessLIVE