Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Utholakele usomabhizinisi waseGqeberha, uKelvin Naidoo (51) obethunjwe ezinsukwini eziyisithupha ezedlule ngaphandle kwendawo asebenzela kuyo e-Korsten.
UNaidoo oyiphini likamengameli we-Nelson Mandela Bay Business Chamber kanye nomqondisi wezobuchwepheshe kwa-Auto X uthunjwe ekuseni ngomhlaka-19 kuNtulikazi.
Lesi sigameko senzeke ngemuva kwehora lesithupha ekuseni ngesikhathi iNissan NP200 emhlophe ishayisa imoto kaNaidoo yamphoqa ukuthi ame.
Kuqhamuke enye iveni, amadoda amahlanu abehlomile abegqoke ama-balaclava amhudulela ngaphandle kweMercedes-Benz yakhe amfaka evenini yawo ngaphambi kokuba ahambe.
INissan nemoto kaNaidoo zashiywa endaweni yesigameko.
OKlebe bahlenge uNaidoo eGqeberha ngoLwesine ngomhlaka-25 kuNtulikazi. Utholwe engenamyocu.
Okhulumela oKlebe, uWarrant Officer Ndiphiwe Mhlakuvana akakwazanga ukuqinisekisa ukuthi imali engu-R10 million ebifunakala isikhokhiwe yini.
Eminye imininingwane ngophenyo loKlebe kulindeleke ukuthi lukhishwe ngokuhamba kwesikhathi.
Isikhulu seNMB Business Chamber, uDenise Van Huyssteen sithe bakhululekile ngokuthi uNaidoo ubuyiselwe ekhaya kubo.
“Imikhuleko nemicabango yethu isaqhubeka nokuba naye nomndeni wakhe futhi siyethemba ukuthi uzodlula kule nto,” kusho yena.
Esithombeni esingenhla: Usomabhizinisi waseGqeberha uKevin Naidoo ekhululwa kubathumbi bakhe.
Umthombo: Sithunyelwe
