Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Oklebe, bebambisene nezinye izinhlaka zabomthetho, bagasele kwenye yamakhempu okuqeqeshwa kuyo amasosha bathatha izibhamu nezinhlamvu eziningi. Ikhempu itholakale eModimolle, eLimpopo.
Okhulumela oKlebe uBrigadier Thandi Mbambo ukuqinisekisile ukugasela nokutholakala kwezibhamu.
Uthe uphiko loKlebe oluzinze ePolokwane, i-Hawks Serious Organised Crime Investigation Unit, ngokubambisana nePublic Order Police (POP), i-Local Criminal Record Centre (LCRC), i-Tactical Response Team (TRT), kanye neModimolle Vispol, bagasele kulesi sikhungo okusolakala ukuthi kuqeqeshelwa kuso.
UMbambo uthe ngesikhathi kuqhubeka lo msebenzi, ithimba lishaqe izibhamu ezinamalayisensi, izibhamu nezinhlamvu okukholakala ukuthi bezisetshenziswa ngesikhathi beziqeqesha.
“Inhloso yokuqeqeshwa ibingakacaci, kodwa ukuqeqeshwa okuhlobene nezempi angeke kungacatshangwa,” kusho yena.
UMbambo uthe lokhu kugasela kulandela ukulunywa indlebe i-Hawks Serious Organised Crime Investigation mayelana nekhempu yokuqeqesha esolisayo kwelinye lamapulazi aseModimolle.
“Kuqhutshwe umkhankaso onzima ngokubambisana nophiko olukhethekile, ukuthi izibhamu nezinhlamvu zaphelela kanjani epulazini kusaphenywa, akukaboshwa muntu,” kusho uMbambo.
Inhloko yoKlebe esiFundazweni saseLimpopo, uMajor General Gopz Govender uncome ithimba ngomsebenzi walo omuhle kakhulu. UGeneral Govender ukugcizelele ukuthi amaphoyisa kumele asebenze ukuvimbela noma yini ebeka engcupheni ukuphepha kwezwe.
Esithombeni esingenhla: Indawo lapho iziphathimandla zishaqe khona izibhamu eModimolle, eLimpopo
Umthombo: Oklebe