Everson Luhanga
Izigebengu ezintathu ebezizenza amaphoyisa futhi ebezifunwa ngamaphoyisa mayelana nezigameko eziningi zokugebenga zihlomile, ziboshwe e-West Rand ngoLwesine.
La madoda amathathu abehlomile abethathwa njengengozi ngokusho kwamaphoyisa, futhi ukuwadlula emgwaqeni, cishe kwakungeke kube lula ukuhlukanisa phakathi kwawo namaphoyisa angempela.
Ngenkathi eboshwa la madoda ebephethe amakhadi amaphoyisa, ozankosi nezibhamu ezingekho emthethweni, namalambu aluhlaza abebekwe phezu kokhakhayi lwemoto, ngesikhathi eboshwa.
Uphenyo lokuqala lumatanise abasolwa abaneminyaka ephakathi kwengama-34 nengama-36 ubudala, nesigameko sokuphanga kuhlonyiwe esenzeke e-Klerkskraal ngasekupheleni kukaMfumfu. Kodwa-ke kusolwa ukuthi sekuphele amasonto ambalwa behlasela amalungu omphakathi eGoli, e-Free State nase-North West.
Isigameko sabo sakamuva kuthiwa senzeke ngoLwesine, ngaphambi kwamahora ambalwa ukuthi baboshwe.
Abasolwa, abaneminyaka ephakathi kwengama-34 nengama-36, baboshwe oKlebe ngoLwesine ekuseni ku-Hendrik Potgieter Road ngase-Muldersdrift, eGoli.
Baboshwe ngemuva kokuthi amalungu ophiko loKlebe i-Tactical Operations Management Section ithole ukuthi abasolwa bebeshayela i-Golf 7 efakwe amalambu aluhlaza, kusho okhulumela oKlebe uColonel Katlego Mogale etshela i-Scroll.Africa.
“Abasolwa babonwe ku-Hendrik Potgieter Road base bevalelwa ekhoneni ithimba ngempumelelo,” esho.
UColonel Mogale ukuqinisekisile ukuthi ngesikhathi abasolwa beboshwa bebephethe izinsiza zamaphoyisa zangempela.
“Ngesikhathi beboshwa abasolwa batholakale nezimpahla zamaphoyisa okubalwa ozankosi, amalambu aluhlaza, izibhamu ezimbili ezingekho emthethweni kanjalo nezinhlamvu,” kusho uColonel Mogale.
Uqhube wathi amaphoyisa asaphenya ukuthi abasolwa bazithole kanjani izinsiza zamaphoyisa.
“Okwamanje amaphoyisa aqoqa imininingwane eminingi engaveza kabanzi ngabasolwa ababoshiwe nokuthi basebenze kanjani”.
Amaphoyisa anikezwa amandla izakhamuzi ezingenawo, futhi izakhamuzi kufanele ziwathembe ukuthi azosebenzisa lawo mandla ukugcina umthetho nokuhleleka. Yilokhu okwenza ukuthi isigebengu esinodlame esizenza iphoyisa lithuse kwabaningi.