Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
UDkt Nomsa Masuku, owayeyisisebenzi se-Standard Bank futhi oseyisikhulu se-IEC, uvele enkantolo yamacala akhethekile eGoli ePalm Ridge ngoLwesihlanu ekuseni kulandela ukuboshwa kwakhe ngecala lokukhwabanisa u-R1.2 million.
UColonel Katlego Mogale, okhulumela uphiko loKlebe oluphenya ngobugebengu obubucayi bezentengiselwano, uthe uMasuku uke waba yinhloko yohlelo lokutshalwa kwezimali emphakathini kwenkampani yakwaStandard Bank i-Adopt A School Trust.
I-trust yasungulwa ukuze ihlinzeke ngemifundaze kanye nemiklomelo yokufunda, yokucwaninga, noma yokufundisa yabafundi abavela ezikoleni ezithathwe yilolu hlelo.
Abahlomuli bohlelo ngabantu abafaneleka futhi abahlangabezana nemibandela yokukhetha ukuze baqhube izifundo zabo kunoma yisiphi isikhungo esaziwayo semfundo ephakeme.
“UDkt Masuku wayephathiswe ukuphatha lolu hlelo ngesikhathi esebenza ebhange,” kusho uMogale.
Abaphenyi boKlebe basola ukuthi uye wasebenzisa i-trust, enikeza abangani namalungu omndeni imifundaze ngaphandle kwemvume yekomidi. Isamba sika-R1.2-million safakwa ngqo ku-akhawunti yakhe.
UMasuku unikezwe ibheyili ka-R20 000, icala lahlehliselwa umhlaka-4 ngoMandulo.
Esithombeni esingenhla: UDkt Nomsa Praisy Masuku udedelwe ngebheyili ka-R20 000
Umthombo wesithombe: X