Celani Sikhakhane
Uphiko loKlebe lugasele kwabasolwa ngokudala izibhelu zangoNtulikazi nyakenye babopha abasolwa abangu-20.
Laba basolwa baboshwe ngokwehlukana KwaZulu-Natal, eGoli, e-North West, e-Free State, e-Western Cape nase-Northern Cape.
Okhulumela oKlebe KwaZulu-Natal uBrigadier Thandi Mbambo, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi umkhankaso oqale ekuseni ngoLwesine uzoqhubeka ubusuku bonke.
“Uma sesiqedile sizokhipha isitatimende esinemininingwane efanele ngawo wonke umsebenzi,” esho.
OKlebe bafuna labo abamataniswa nezibhelu okukholakala ukuthi bake bazwakalisa amazwi abo mayelana nokuphangwa nokushiswa kwezindawo zomnotho ukuze kuphoqwe ukuthi kudedelwe owayenguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma esikhungweni sokuhlunyeleliswa kwezimilo e-Estcourt.
UZuma ubegwetshwe izinyanga ezingu-15 ebhadla ejele ngokudelela umyalelo wenkantolo.
Isigwebo sakhe usichithe emzini wakhe KwaDakwadunuse eNkandla ngemuva kokudedelwa ngoshwele wezempilo u-Arthur Fraser owayenguKhomishana wezamaJele kuzwelonke. Umsebenzi kaFraser waphela maduzane ngemuva kwalokho.
Babalelwa ku-354 abantu okubikwa ukuthi bashonile ngesikhathi kuqhubeka izibhelu KwaZulu-Natal kanye naseGoli. Lesi sibalo sihlanganisa nokushona kwabantu abangaphezu kuka-30 ababulawa e-Phoenix, okusolwa ukuthi babulawa izakhamizi ezazithukile.
Imiphakathi eminingi yasemalokishini isadonsa kanzima ukuthola izidingo zayo njengoba inqwaba yamahhovisi, imithombo yokudla kanye nefenisha okubalwa nezitolo zashiswa zaba wumlotha.