Lungani Zungu
Kuboshwe abanye abantu ababili beboshelwa udlame olubulalayo nolwanda ngoNtulikazi njengoba amaphoyisa eqhubeka nokubopha labo okusolwa ukuthi bangabagqugquzeli.
Okhulumela oKlebe uColonel Katlego Mogale ukuqinisekisile ukuboshwa kwabasolwa ababili, abaneminyaka engama-35 nengama-36 ubudala, ngeSonto ekuseni.
Omunye wabasolwa ngowesifazane oneminyaka engama-36 owaziwa ku-Twitter ngelikaSphithiphithi Evaluator @_Africansoil onabalandeli abangaphezu kwabayizi-50 000.
I-akhawunti ye-twitter yaziwa ngokuseka owayenguMengameli wakuleli uMnu Jacob Zuma.
Uboshwe ngoMgqibelo e-Leondale ngesikhathi kunomkhankaso wokusesha nokuthatha lapho amaphoyisa athathe khona ubufakazi ukuze aqhubeke nophenyo.
Kuzobonakala ukuthi ungubani uma esevela eNkantolo yeMantshi yase-Palm Ridge ngoMsombuluko ngamacala okugqugquzela udlame emphakathini.
Umsolwa wesilisa uzovela enkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, ngoMsombuluko.
“Amalungu e-Crime Against the State esebenzisana ne-Crime Intelligence abophe abasolwa abaneminyaka engama-35 nengama-36 ubudala ngokugqugquzela udlame emphakathini ngoMgqibelo mhla zingama-28 kuNcwaba e-Gauteng nase-KZN,” kusho uMogale.
Uthe lokhu kuholele ekutheni kushiswe i-Brookside Mall eMgungundlovu, kwagqekezwa izitolo kwaqalwa nokwenziwa ubugebengu bokuntshontshwa kwempahla.
Amagunya okusesha nokubopha agunyaziwe futhi aqaliswe ngoMgqibelo.
“Luyaqhubeka uphenyo olubhekiswe kulabo abagqugquzela noma abakha uzungu nabanye ukuze benze ubugebengu kubandakanya nodlame emphakathini,” esho.
Bangaphezu kwabangama-350 abantu abashonile ngesikhathi seziyaluyalu ezithathe isonto lonke ezihlasele i-KZN ne-Gauteng kulandela ukuboshwa kukaZuma ngemuva kokuphikisana nomyalelo wenkantolo othi makavele phambi kwekhomishini yophenyo lokulawulwa kombuso.