Okhule ngenhlupheko usiza izingane ngokudla

Doreen Mokgolo

Isonto lonke i-Scrolla.Africa sibungaza abaholi abasha bakuleli emikhakheni yezemidlalo, ezomzabalazo, ezokuzijabulisa nokunye. Siphonsa amehlo ethu kowesilisa oyedwa owenza umehluko emphakathini noma engasebenzi.

UMnyango Wezemfundo Kazwelonke wondla izingane eziyizigidi ezingu-4.4 ngohlelo lwawo lokuphakela izingane ezikoleni.

Kulezo zingane eyodwa kwezinhlanu incike kuphela ekudleni okunikezwa esikoleni uma uhlelo lusebenza khona.

UJohn Madisha wake waba ngomunye walabo ababethembele ohlelweni lokuphakelwa esikoleni.

Ngenxa yemvelaphi yakhe uMadisha ufunge wagomela ukuthi uzokwenza umehluko uma esekhulile ukuze aqinisekise ukuthi ayikho ingane endaweni ahlala kuyo okumele iye esikoleni ingadlile.

Lo wesilisa ongasebenzi wase-Brazzaville e-Atteridgeville ngaphandle kwase-Tshwane wondla izingane ezingaphezu kuka-200 eziphuma emindenini empofu nsuku zonke.

Njalo ekuseni ngehora lesithupha uMadisha kanye nabangani abahlanu abangasebenzi basuke besenkundleni i-Brazzaville  belungisa amasemishi kanye nejusi.

Bawanika abafundi abagibela amabhasi e-scholar mahhala enkundleni yezemidlalo.

Lo msunguli we-Ponelo Pele Community Development oneminyaka engu-27 uchaze ukuthi uyabazi ubuhlungu bokuhamba ungadlile esikoleni futhi ungazi ukuthi ukudla okulandelayo kuzovelaphi.

“Ngikhulele kule migwaqo ngiyazi ukuthi imizi eminingi idla imbuya ngothi futhi ikwazi ukuthenga ukudla kanye ngosuku.

“Angifuni lezi zingane zidlule kulobu buhlungu kodwa ngifuna zigxile ezifundweni zazo ukuze zikwazi ukwenza okuthile ngezimpilo zazo.”

Iqembu lithengisa izinyawo zezinkukhu, amaswidi kanye nokudla ukuze kuqoqwe imali yokudla esikwenzela izingane.

“Ngenzuzo etholakalayo siyakwazi ukuthengela izingane ezingaphezu kuka-200 ukudla kwasekuseni njalo futhi ngezinye izikhathi siyakwazi ukuzilungiselela ukudla kwasemini.”

“Akulula njengoba iminikelo nabaxhasi kungeyona into esiyithola njalo, kodwa lezi zingane zithembele kuthina ekuseni.”

UMadisha uthe kumzwisa ubuhlungu ukuthi kwesinye isikhathi kumele banqamule ulayini njengoba ukudla kusuke sekuphelile.

Iphupho lakhe ukuheha abaxhasi abazomsiza adlulisele lolu hlelo ezindlini zomazakhela engomakhelwane.

Isakhamuzi esingasebenzi uNomsa Dlamini sithe uhlelo lukaMadisha selususe umthwalo onzima emakhaya amaningi endaweni.

“Ngithembele emalini yesibonelelo sikahulumeni yezingane zami ezimbili enganeli ukukhokhela zonke izidingo zethu eziyisisekelo.

“Ngalolu hlelo siyazi ukuthi izingane zethu zizodla isidlo sasekuseni nsuku zonke futhi ngesinye isikhathi nesasemini,” kusho uNomsa. 

Leli qembu libuye liqoqe izingubo zokugqoka ezithandwayo kanye nemifaniswano yalabo abaswele futhi libe nekhishi lesobho labantwana njalo ngempelasonto.

Scrolla World Cup Quiz