“Okhethekile” ubeke iSpurs esicongweni

Menzi Magubane

UJose Mourinho uphinde wasitshengisa ukuthi kungani ezibiza “ngoKhethekile” ngemuva kokuguqula iTottenham Hotspur yaba ngezinye zezimbangi yesicoco se-English Premier League kule sizini.

Lo mdlali ovelele ovela e-Portugal udonse ukunqoba okukhulu kweSpurs kule sizini, ngesikhathi ishaya iManchester City kaPep Guardiola ngoMgqibelo ebusuku.

Amagoli abadlali base-South Korea uSon Heung-Min no-Giovani Lo Celso wase-Argentina aqinisekise ukuthi iSpurs iyaqhubeka nokulandela isicoco sayo se-Premier League. ISpurs igcine ukunqoba i-English Premier League ngemuva kwesizini yowezi-1960/61 futhi indlela abenza ngayo kuze kube manje, ingenza okwenziwe yiLiverpool ngesizini edlule ngokunqoba i-English Premier League ngemuva kweminyaka engama-30.

UMourinho, owanqoba i-English Premeir League neChelsea ngowezi-2004/05, 2006/07 nangowezi-2014/15, wajoyina iqembu laseNyakatho ne-London nyakenye futhi usezuze izinhliziyo zabalandeli bayo iSpurs.

Ukunqoba kwabo ngamabili eqandeni bedlala neCity, kwenze iSpurs yahamba phambili esicongweni setafula le-English Premier League ngamaphuzu angama-20 emidlalweni eyisishiyagalolunye. Ngaphambi kwalo mdlalo iLeicester City ibihamba phambili kodwa ingabuyela phezulu uma inganqoba seyibhekene nompetha be-English Premier League iLiverpool ngeSonto ebusuku e-Anfield.

Ukuhlulwa kweCity kubenze basalela emuva kakhulu kulaba ababeke amajubane njengamanje. Manje sebesele namaphuzu ayisishiyagalombili kubaholi beSpurs futhi kwi-English Premier League igebe elinje esikhathini esedlule likhombise ukuthi kunzima ukulivala.

Lona bekungumdlalo wokuqala kaGuardiola ngemuva kokusayina isandiso seminyaka emibili kwiCity ngemuva kokujoyina iqembu ngowezi-2016, esuka kwimidondoshiya yaseJalimane iBayern Munich. Lo mqeqeshi owazalelwa e-Spain usewine ama-English Premeir League amabili ewinela Izakhamuzi ngonyaka wezi-2017/18 nangowezi-2018/19.

Eminye imiphumela ye-English Premier League kusukela ekuqaleni kwanamuhlanje: IAston Villa 1-2 iBrighton Hove and Albion; INewcastle United 0-2 Chelsea.

Picture source: @premierleague

Izihloko zakamuva