Owesilisa wase-Thailand usole ukulahlekelwa inkumbulo ngemuva kokushiya umkakhe ngephutha ngesikhathi sekhefu lokuchama ngoSuku lukaKhisimusi.
Laba abashadile bebesendleleni belibangise edolobheni lakubo kowesifazane beyochitha uNcibijane ngesikhathi bedinga ukuyochama phakathi kwehlathi.
Kodwa ngesikhathi owesifazane ebuyela emotweni umyeni wakhe ubesehambile wamshiya.
UBoontom Chaimoon (55) kanye nonkosikazi wakhe u-Amnuag Chaimoon (49) baqale uhambo lwabo ngehora lesithathu ekuseni ngeSonto beyochitha uNcibijane edolobheni lakubo kowesifazane esifundazweni sase-Maha Sarakham, kubika i-Must Share News.
Ngenxa yalokho kudingeke ukuthi lona wesifazane ahambe amakhilomitha angu-20 ebumnyameni behlathi ngaphambi kokuthi afike lapho abeya khona ngehora lesihlanu ekuseni.
Kuthiwa lona wesifazane uye wabikela amaphoyisa ngoba ubengazi ukuthi kwenzekeni ngomyeni wakhe.
Okubi kakhulu ukuthi lona wesifazane akakwazanga ukuthola umyeni wakhe okhohlwaya ocingweni njengoba ubeshiye umakhalekhukhwini wakhe emotweni ngesikhathi eyochama ehlathini.
Amaphoyisa ashayele inombolo yowesilisa kaningi kodwa ucingo belungaphendulwa.
Ngehora lesishiyagalombili ekuseni, owesilisa ugcine eluphendulile ucingo lwakhe wachaza ukuthi ushayele waze wafika esifundazweni sase-Korat esiqhele ngamakhilomitha angu-160 esiteshini samaphoyisa, kubika i-Thailand Posts English.
Naphezu kwesenzo sakhe esimangalisayo sokukhohlwa, u-Amnuag uthe ngokumangalisayo abazange baxabane ngesikhathi emlanda nakuba kungenzeka ukuthi wachitha ubusuku bonke endlini yezinja.
Kamuva lona wesifazane uye waveza ukuthi sebeneminyaka engu-27 beshadile futhi banendodana eneminyaka engu-26 ubudala.
Luhlanganiswe nguMashudu Mabila
Isithombe Ngenhla: Imoto eyiveni
Umthombo Wesithombe: @IOL