Elmon Tshikhudo
Wayeya esontweni eyothola ukuqondiswa ngokomoya, kodwa ubuye nomthwalo osindayo wezikweletu.
UTshifhiwa Mungoni wase-Lwamondo ngaphandle kwase-Thohoyandou uvakashele i-Faith of Thalita Koum Ministry e-Sibasa ngonyaka odlule lapho ahlangane khona noMprofethi u-Innocent Muritho.
Lo thisha oneminyaka engama-49 uthe waya esontweni eyofuna usizo ngoba enezinkinga emshadweni.
Ubenethemba lokuthi impilo yakhe izoshintsha ibe ngcono, kodwa manje uyazisola ngokubeka unyawo lwakhe kulelo sonto.
Unesikweletu futhi uhlukanise umshado wakhe.
“Ngelinye iSonto, bengihambele inkonzo enkulu kanye nebandla lonke futhi ngaba nengxoxo ngingedwa nomprofethi lapho angikhokhisa khona imali engama-R700.
Lo mprofethi wangitshela ukuthi izinkinga zami zazingaphezu kwalokho engangikucabanga nokuthi ngidinga ukuthi lo mprofethi eze ezohlanza umndeni wami,” kusho uMungoni.
Ukuze lo mprofethi amvakashele ekhaya, uMungoni uthe wakhokhiswa imali eyizi-R15,000.
“Lo mprofethi ufike nenye indoda wangena endlini yami wangitshela ukuthi kunezinyoka ezintathu ezidala zonke izinkinga emndenini wami. Uthole izinyoka endlini wathi izinkinga zizodinga ukuhlanzwa okukhethekile wathi kumele ngikhokhe imali ethe xaxa,” engeza.
Njengoba atshelwe ukuthi izingane zakhe zizoshona uma engayikhokhi le mali, uMungoni uthi wayengenayo enye indlela ngaphandle kokubheka imali ngokushesha.
“Ngiboleke imali ebhange lami, emndenini nakomashonisa, isiyonke leyo mali ingaphezu kweyizi-R300,000,” esho.
Umama wezingane ezintathu uthe watshelwa ukuthi kukhona utokoloshe ophahleni kanti kudingeka enye imali eyizi-R100,000, kodwa wayengeke esakwazi ukuba nayo leyo mali.
Manje akanamali futhi akasakwazi nokuziphilisa.
“Ngiwuthisha oqeqeshiwe ohola iholo elifanele, kodwa manje uma ukuphela kwenyanga kufika kube yiphupho elibi njengoba ngisala ngingenalutho ngemuva kwakho konke ukuthathwa kwemali. Angikwazi ngisho nokuthenga ukudla ngikhokhele nezimoto zokugibela zokuya esikoleni zezingane zami. Ngihlupheka ngenxa yalo muntu ongifake ezikweletini”.
Umprofethi Innocent Muritho uthe lo wesifazane ubengakhulumi iqiniso futhi ungumqambimanga.
“Angiyanga kuye, ufike esontweni lami ngamtshela ngezinkinga abhekene nazo nokuthi kumele enzeni ukuzixazulula.
“Ngimkhokhise esivumelane ngakho futhi angikaze ngimphoqe ukuthi akhokhe. Ubengikhokhela kuphela usizo engimnike lona,” esho.
UMuritho akamusha ezindabeni ezikanjena.
Ezinyangeni ezimbili ezedlule usabalale ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi efaka ividiyo yakhe okusolwa ukuthi wayephuzile kuyo futhi ngokuhamba kwesikhathi waxolisa esidlangalaleni.