Ogogo basebenzisa ezasemandulo ukulwa nogqamcishi

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Njengoba izwe lingene esigabeni sesithupha sokucishwa kukagesi ngenxa yamakhaza ogogo baKwa-Thema sebephendukele ezindleleni zakudala ukuze basinde emakhazeni ashubisa umnkantsha.

Sekuphele izinsuku eziyisikhombisa izakhamuzi eziningi zaKwa-Thema zingenawo ugesi ngemuva kokusha kwesigubhu (transformer) esikhulu sikagesi.

Njengoba u-Eskom uphinde wangenisa isizwe esigabeni sesithupha sokucishwa kukgesu, lezi zaguga zingase zibe nokhiye wesixazululo.

USibongile Nkabinde, ohola impesheni wabelane ne-Scrolla.Africa ukuthi usebenzise kanjani izindlela zakudala azifunda emndenini wakhe eminyakeni engaphezu kwamashumi ayisikhombisa edlule.

Ebusuku, uSibongile ufudumeza ipani azolisebenzisa njenge-ayina ukuze alungiselele abazukulu bakhe abathathu umfaniswano wesikole. Ukwenza lokhu ekhishini lakwakhe eduze kwesitofu samalahle esifudumeza indlu yakhe enamagumbi amane.

Abadala emphakathini bazakhela awabo amalahle ngokuhlanganisa izinsalela zamalahle aqoqwe esiteshini esidala sesitimela nenhlabathi yobumba. Ukuze bagcine umlilo uvutha isikhathi eside, bawubasa ngobulongwe benkomo obomile. UNkabinde ukhanyisa ngisho ikhishi lakhe ngokulungisa kabusha ibhodlela le-mayonnaise eligcwele amafutha okupheka, afake nendwangu esivalweni ukuze kusebenze njengesibani sesikhashana.

“Angifuni abazukulu bami baye esikoleni begqoke izingubo ezingcolile nezishwabene,” kusho uNkabinde.

“Sibhekene nezikhathi ezinzima. Yonke into iyabiza iphakethe lamakhandlela ayisithupha libiza u-R40, lihlala izinsuku ezimbalwa futhi angeke sikwazi ukukukhokhela lokho.”

Umngani wakhe, uNontombi Masilela wabelane ngesakhe isixazululo. Ukuze a-ayine izingubo ezengeziwe, ufaka amanzi abilayo epanini futhi asebenzise ipani elifudunyeziwe njenge-ayina.

“Sithembele kwizibonelelo zethu zempesheni. Kumele sithole izindlela ezishibhile ukuze siphile,” kuchaza uMasilela. “Lawa makhono sawafunda komama bethu.”

Njengoba bephila emphakathini wesimanje, abakaze bacabange ukuthi kuzodingeka basebenzise lezi zindlela zendabuko. Nokho, phezu kokucinywa kukagesi okungapheli benza noma yini edingekayo ukuze abazukulu bangahlupheki.

Ngaphezu kwalokho bazimisele ukudlulisela lezi zindlela zakudala esizukulwaneni esilandelayo, baqinisekise ukungapheli kwezindlela zakudala zokhokho babo.

Osesithombeni esingenhla: UNomthandazo Mathibela

Umthombo wesithombe: UDoreen Mokgolo

Izihloko zakamuva