OGogo balungiselela umqhudelwano omkhulu welikanobhutshuzwayo 

Lubhalwe nguNkhensani Mthombeni

Iminyaka iyinani nje kuphela — futhi ekupheleni kwenyanga amaqembu ebhola angu-20 ogogo abashaya amagoli azobe ezofakazela lokho kwi-Grannies International Football Tournament (GIFT) e-Limpopo.

Izalukazi ezivela emazweni angu-14 ahlukene zizobe zikhombisa amakhono azo ebhola, kanti zonke zinethemba lokuwina indondo yokuqala ngqa ye-GIFT.

Lo mqhudelwano obhekelela abesifazane abaneminyaka engu-50 kuya phezulu wasungulwa umsakazi uBeka Ntsanwisi.

Wasungula iqembu lebhola lezinyawo labadala ngo-2007 ngesikhathi ebambe iqhaza ohlelweni lokunakekelwa kwasekhaya olwalunakekela abantu abadala futhi wabona ukuthi abantu abaningi asebekhulile bahlala bodwa, bahlushwa izifo ezingapheli futhi banesizungu.

“Ngaqhamuka necebo lokubagcina bekhuthele ngokubafaka ebholeni,” esho.

Ngokushesha abantu ababebambe iqhaza bazizwa bengcono, bekhuthele futhi benomdlandla.

Ngenxa yokuthi abadlali abaningi bebefuna ukujoyina, kwaqalwa iqembu. Laqanjwa ngokuthi iVakhegula Vakhegula, okusho ukuthi “ogogo.”

Abanye ogogo bahambele ezindaweni ezifana ne-Russia, i-France neMelika lapho abahlangana khona noBarack Obama. Amanye amaqembu azobe ebambe iqhaza i-France, i-Mozambique, iMelika, i-Togo kanye ne-Zambia.

“Sesilungile!” kusho uDinah Mawila (65) obejabule etshela i-Scrolla.Africa. Yena nozakwabo banethemba lokuwuwina lo mqhudelwano.

Lo mqhudelwano wezinsuku ezintathu kuhloswe ngawo ukuqhakambisa impilo yasemalokishini nezokuvakasha kanye nokufukula umnotho wendawo.

Umcimbi wokuvula uzoba enkundleni yezemidlalo i-Nkowankowa ngaphandle kwase-Tzaneen ngomhlaka-26 kuNdasa. Imidlalo izoqala ngokusemthethweni ngomhlaka-27 kuNdasa, kanti umdlalo wokugcina nomcimbi wokuvala uzoba ngomhlaka-29 kuNdasa.

Esithombeni esingenhla: Ogogo abalungiselela umqhudelwano

Umthombo Wesithombe: Nkhensani Mthombeni

Izihloko zakamuva