Kamogelo Olaitan
I-Gambia okuyizwe elincane eNtshonalanga Afrika isiphenduke indawo yezivakashi yokwenza ucansi.
Eminyakeni edlule, izwe laseBrithani seliphenduke isiphephelo sezinkulungwane zabesifazane baseYurophu abafuna ukwenza ucansi namabhungu amnyama.
Isibalo esiphezulu salaba besifazane siqhamuka eBrithani kanti abanye ngabase-Holland, e-Norway, e-Sweden kanye nase-Germany. Bavakashela leliyazwe ngenhloso eyodwa yokuthola ucansi emadodeni amnyama ase-Gambia.
Ngaphambi kokuvakashela leliyazwe abesifazane abaningi benza amalungiselelo namabhungu amnyama aziwa ngokuthi ‘ama-bumsters’ noma ‘ama-beach boys’ kwi-inthanethi.
Laba besilisa abamnyama babalanda esikhumulweni sezindiza sase-Banjul okuwukuphela kwesikhumulo sezindiza kuleliyazwe.
Iningi lamabhungu akuleliyazwe azimisele ukwenza noma yini ukwanelisa abesifazana ngokocansi ukuze athole imali ngenxa yokuntuleka kwemisebenzi kanye neholo eliphansi.
Omunye wesifazane waseBrithani owake waya kuleliyazwe utshele isiteshi sikamabonakude saseBrithani i-Channel 4 ukuthi i-Gambia ‘iyipharadesi’ ngoba ‘ungenza ucansi nendoda ehlukile njalo ebusuku’.
Usomabhizinisi wesifazane waseBrithani ongumnini wehhotela kuleliyazwe uthe uselawule le nkinga ngokuqeqeshwa kwabasebenzi.
UGeri Mitchell uthe manje usephinde wagxilisa ibhizinisi lakhe kwezokuvakasha. “Njengomnikazi kumele ungenelele. Kulula kimina kunabasebenzi. Abantu base-Gambia banenkinga enkulu yokubhekana nabelungu,” esho.
Kodwa uhulumeni wase-Gambia usexwayise ogogo baseYurophu ukuthi baqhelelane nezwe labo njengoba befuna ukuheha izivakashi “ezisezingeni eliphezulu” hhayi labo abasuke beze ngocansi nje kuphela.
Umqondisi we-Gambia Tourism Board u-Abubacarr, utshele i-UK Express ukuthi bafuna izivakashi zijabulele izwe namasiko.
“I-Gambia inezindawo zamasiko ezihehayo kanye nezilwane zasendle izivakashi ezingazijabulela ukuzibona. Sinezinhlobo ezingaphezu kuka-300 zezinyoni zasezindaweni kanye nezindawo ezimbili ze-Unesco World Heritage,” kusho uCamara.
Ngiyacabanga ukuthi abesifazane abaneminyaka ephakathi abayi kuleliyazwe ukuyobuka izinyoni.
Umthombo wesithombe: @TheTimes