Lubhalwe ngu-Emily Mgidi
Isangoma esinesipiliyoni seminyaka engu-22 sesinohlelo lwaso kumabonakude.
UGogo Maweni uchaza izindlela zakhe zokwelapha njengeziyingozi kakhulu.
Uhlelo olubizwa ngeThokoza Gogo, lukhuluma ngempilo nomsebenzi wokwelapha kaLee-Anne Maweni, odume ngelikaGogo Maweni. Iqale ukukhonjiswa esiteshini se-Multichoice, i-Moja Love ngenyanga edlule. Lolu hlelo seludonse amehlo abantu, kodwa hhayi ngezinto ezinhle.
Njengamanje inyanga, ezibiza ngeSangoma uNene iveza umbono ngalolu hlelo lukaMaweni.
UNene, oseneminyaka engaphezu kwamashumi amabili elapha e-KZN nasemazweni angaphandle usecele ukuthi kungenelele imikhandlu yezangoma efanele.
Uthe ukukhathazeka kwakhe kumayelana namavidiyo awabone kuhlelo lukaMaweni.
“Kulama vidiyo ubonakala efundisa ithwasa lakhe ngamandla obumnyama, ukulimaza abantu ngokomoya futhi ubonakala eziqhenya ngokwenza lokhu,” uNene etshela i-Scrolla.Africa.
UNene uthe kumphatha kabi ukubuka izinto ezenziwa uMaweni ekhombisa ukungabi nendaba ngokufundisa ngamandla obumnyama okucekela phansi omunye umuntu.
“Angifuni ukumhlaza noma ukumosha igama lakhe ngikhathazekile impela ngoba lokhu kungafaka noma ubani engcupheni.”
Kodwa uMaweni akakhathazekile ngalezi zinkulumo kunalokho uthe ukuphendula uNene kuzobe kusho ukuthi usemnika amandla phezu kwakhe futhi angeke akuvumele lokho.
“Angeke ngimnike amandla futhi angeke ngimunake,” kusho uMaweni etshela i-Scrolla.Africa.
Ululeka labo abalandela uNene ezinkundleni zokuxhumana ukuthi baqhubeke nokwenza lokho ngoba umyalezo wakhe awumkhathazi.
Njengamanje uhlelo lukaMaweni lusekhefini, kodwa luzobuya maduze. Uthe vele inhloso bekuwukushutha iziqephu eziyisithupha zokuqala bathathe ikhefu, kodwa lusazoqhubeka.
Khonamanjalo, i-Traditional Healers Association (THA) iyigxekile imibukiso efana nale.
“Kuphambene nomkhuba wethu njengabelaphi. Lokhu okwenziwa uGogo Maweni akwamukelekile. Sikholelwa ukuthi ubethakatha ngesikhathi eyokwenza imikhuba yobumnyama ebusuku emathuneni,” kusho okhulumela i-THA uZanele Mazibuko etshela i-Scrolla.Africa.
Ugcizelele ukuthi uMaweni uyinyanga edukisayo eyisibonelo esibi.
UMazibuko uqhube waveza ukuthi ezinyangeni ezimbalwa ezedlule kade besesigcawini sokuphothulwa kwe-Witchcraft Suppression Bill. Ihlelwe kabusha njengomthetho ovimbela izenzo zobumnyama eziyingozi.
Uthe uma lo mthetho uphasiswa abantu abafana noMaweni bazobekwa amacala okuthakatha futhi bangase babhadle ejele iminyaka eyishumi.
Osesithombeni esingenhla: UGogo Maweni
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe