Celani Sikhakhane
UDkt Makhosi Khoza, onguSihlalo we-ActionSA KwaZulu-Natali, ulokhu ethandazela ukuthi aqokwe njengeMeya kaMasipala weTheku.
Ngakho-ke uye endodeni ebingalindelekile ukuze imsize, njengoba ecele uMbhishobhi uVusi Dube weThekwini Community Church (i-ECC) ukuthi amkhulekele.
UDube uyilungu lePhalamende le-ANC, iqembu lakudala likaKhoza. Uke waba nguSotswebhu we-ANC eKZN futhi waba nguSihlalo we-Scopa.
Kodwa uDube unqabile ukumthandazela wathi umkhuleko wakhe ngeke umsize ukuthi abe yiMeya.
UDube utshele i-Scroll.Africa ukuthi yize wonke umuntu emukelekile ebandleni lakhe, lokhu akusho ukuthi wonke umuntu unelungelo lokuthola imithandazo yakhe – – ikakhulukazi labo abanezifiso zezombusazwe.
“UDkt Khoza ngeke asithole isikhundla sobumeya ngoba ngimkhulekele, kodwa ngabavoti abazothatha isinqumo. Angaya kwaShembe, eWeseli, e-ZCC nanoma yiliphi ibandla, kodwa abavoti kuphela abazonquma,” esho.
Okuxakayo ukuthi uMbhishobhi uDube waqokwa esikhundleni sikaDkt Khoza njengoSotswebhu we-ANC ngemuva kokuthi uDkt Khoza esule ukuze aqhubeke nomsebenzi wakhe ozimele.
UKhoza ukholelwa ukuthi umlando wakhe wokulwa nenkohlakalo ku-ANC ngesikhathi esayilungu lePhalamende ngaphansi kobuholi bukaMnu Jacob Zuma uzomsiza ukuthi azuze izinhliziyo zabavoti baseThekwini.