Lubhalwe nguRorisang Modiba
U-Uncle Waffles uhoxise uhlelo lwakhe lwase-Kenya ngenxa yomsindo ongemuhle nokungahleleki kahle kwezinto.
U-DJ uthembisa ukuthi uzobuyela e-Kenya ngemuva kokutshela abahleli ngokuphatha kabi abalandeli abangaphezu kuka-10,000.
U-DJ wodumo wamapiano u-Uncle Waffles usetshele abahleli bomculo wase-Kenya ngokuphatha kabi abalandeli nokusebenzisa izinsimbi zomsindo ezingekho esimeni esigculisayo.
Lo DJ ogama lakhe langempela nguLungelihle Zwane, umise ukucula kwidili le-For the Love of Amapiano ngenxa yezinkinga zomsindo.
“Ziningi kakhulu izinkinga ezenzeka esiteji. Angikwazi ukuzwa lutho,” etshela abalandeli.
“Angifuni nithi ngifike nganganandisa, akulona iphutha lami.”
Ngemuva kohlelo lakhe, lesi sihlabani esazalelwa e-Eswatini besiphatheke kabi ngendlela onogada abaphathe ngayo abalandeli bakhe.
“Okungicasule kakhulu yindlela abalandeli bami abaphathwe ngayo ngabahleli nabezokuphepha,” kusho yena. “Abantu badudulwa ngapha nangapha, baphathwa kabi.”
Lokho yinto engingeke ngiyimele.”
Lo mculi wodumo lwengoma ethi Wadibusa uthe abahleli bahlulekile ukujabulisa abandeli abebelangazalele ukumbona.
“Aniphoxanga mina nje kuphela kodwa niphinde naphoxa abantu abangu-10 000+ abebefike ukuzongibona,” esho kubo.
Kodwa u-Uncle Waffles usakhombisa uthando kubalandeli bakhe base-Kenya, ethi: “Kenya, ngithemba ukuthi ngizophinde nginibone maduze ngomphumela ongcono kakhulu. Nonke benimangalisa.”
Esithombeni esingenhla:U-Uncle Waffles.
Umthombo: Instagram