Kamogelo Olaitan
Njengoba kunesidingo esikhulu sodokotela kanye nokuntuleka kochwepheshe e-Limpopo, ithimba lodokotela abahlinzayo esifundazweni livolontiyele ukuhlinza izingane ezingu-67 ukuze kuhlonishwe uMadiba ngoSuku lweZizwe Zonke lukaNelson Mandela.
Odokotela abahlinzayo, bonke abavela ngobuchwepheshe babo obuhlukahlukene, benze i-hernia repairs, i-cleft lip and palate, i-tonsillectomies kanye ne-adenoidectomies ezinganeni ezineminyaka engu-12.
Bajoyinwe uSolwazi uMashudu Tshifularo ozinze eGoli, ongumuntu wokuqala emhlabeni ukufakela isiguli esingezwa ezindlebeni ithambo elingu-3D.
Udokotela ohlinza izingane uTshifuralo, uthe kuyena kube yithuba lokusebenza, ukudlulisa amakhono kanye nokubuyisela esifundazweni sangakubo.
Kwabangu-67, abangu-45 bahlinzwe esibhedlela i-Mankweng ngaphandle nje kwase-Polokwane ngesikhathi abanye behlinzwa ezibhedlela zasemakhaya esifundazweni.
Ekhuluma nabezindaba uNgqongqoshe uPhophi Ramathuba uthe lolu hlelo lwenziwe uma bebheka uthando lukaMandela ezinganeni.
“Ngesikhathi eba nguMengameli, uNelson Mandela wamemezela ukunakekelwa kwezempilo kwamahhala kwezingane nabesifazane abakhulelwe ngoba ekuqonda ukubaluleka kwempilo enhle ezinganeni njengoba ziyikusasa lanoma yisiphi isizwe. Ngakho simhloniphe ngento abeyithanda kakhulu, izingane,” kusho uRamathuba.
Ukuhlinzwa kuqale ngo-8 ekuseni kanti bekumele kuqhubeke kuze kube phakathi kwamabili.