
Dylan Bettencourt
Isivumelwano sika-Eben Etzebeth nama-Sharks Rugby Union sibe ngokusemthethweni ngoLwesine.
Lo mdlali umemezele ngesonto eledlule ukuthi uzoyishiya i-Toulon yase-France ukuze abuyele ebholeni lombhoxo lakuleli, kanti ubeke nezizathu zakhe ngesinqumo asithathile.
Isizathu esikhulu ngesinqumo sakhe kuthiwa ngukaputeni wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi, ongumngani wakhe omkhulu, odlalela ama-Sharks.
U-Etzebeth ujoyina uhlu lwamaBhokobhoko adlala kuleli kuma-Sharks. Lapho kubalwa khona uKolisi Lukhanyo Am (ukaputeni), uMakazole Mapimpi, uBongi Mbonambi, uSbu Nkosi noThomas du Toit.
Khonamanjalo, umqeqeshi ohlonishwayo we-Sevens uNeil Powell usejoyine ama-Sharks njengomqondisi webhola lombhoxo ekupheleni konyaka.
Abaphathi bama-Sharks bagcone abalandeli ngovivi ngoLwesine ekuseni, bebhala ku-Twitter: “ULwesine oluthule noma isimemezelo esikhulu?”
Emahoreni ambalwa kamuva babhala ku-Twitter ukuthi: “Ithangi seliyingozi kakhulu! Siyakwamukela emndenini Eben Etzebeth.”
U-Etzebeth uzothola ukukhululwa ngaphambi kwesikhathi kwinkontileka ayisayina ne-Toulon.
“U-Eben Etzebeth uzwakalise isifiso sakhe sokusheshe ayiqede inkontileka yakhe ne-Toulonnais ukuze abuyele eNingizimu Afrika, ngenxa yezizathu zakhe,” kusho iqembu eliku-Top 14 esitatimendeni ngeSonto.
NgoMgqibelo odlule amaBhokobhoko anqoba iNdebe yoMhlaba abuyele enkundleni ngemuva kwezinyanga ezintathu emile kulandela ukushaywa i-England ngoLwezi odlule.
I-Toulon yenze umsebenzi oncomekayo ngesikhathi ihlula ompetha i-Bordeaux Begles ngo 21-18 idlala ekhaya, yanikeza iqembu inhlansi yethemba kule sizini ebinzima.
Umthombo wesithombe: @TheRinger