Odilikajele abathathu kumdlwenguli waseKagiso

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Ugcine egwetshiwe omunye wabadlwenguli abanonya kakhulu eGauteng.

UMcebisi David Modimokwana ugwetshwe odilikajele abathathu yiNkantolo eNkulu yaseGoli ePalmridge.

UMcebisi ubehlasela abesifazane baseKagiso, eSoweto namaphethelo ngokubathumba nokubadlwengula ebakhomba ngezibhamu.

Kungakapheli ngisho izinsuku eziyisithupha ededelwe ngebheyili ngemuva kokuboshwa okokuqala uphindile futhi. Uboshelwe ukudlwengula owesifazane wesibili emkhombe ngesibhamu ngemuva kokuthi amthumbe.

Uphenyo lomseshi uWarrant Officer Mpane Mpiko esiteshini samaphoyisa eKrugersdorp lumatanisa uMcebisi namanye amacala amabili okudlwengula

I-Scrolla.Africa sashicilela umbiko ngemuva kokuthi edlwengule isisulu sokuqala ngo-2021, sathi umthetho wehlulekile ngemuva kokuba umenzi wobubi ethole ibheyili.

Lolu daba lazuza intshisekelo yeNational Prosecuting Authority futhi kulandela ukukhala komphakathi, wenqatshelwa ibheyili ngemuva kokuboshwa kwakhe okwesibili.

Ngomhlaka-10 kuNcwaba ngo-2021, uMcebisi wathumba isisulu sakhe sokuqala wasiyisa kwenye yezindlu zikanina e-Protea Glen, eSoweto lapho asidlwengula khona ephindelela.

Sikhuluma ne-Scrollla.Africa sisegunjini esiliqashile eKagiso, isisulu esineminyaka engu-35 ubudala sithe umsolwa wayemthumbe eshisanyama.

“Ngesikhathi eshayela wangikhombisa izibhamu ezimbili. Endleleni eya endlini wadubula kaningi emoyeni,” kusho yena.

Ngemuva kwesigwebo sangomhlaka-9 kuNhlolanja, isisulu ebesingufakazi ngesikhathi kuqulwa icala likaMcebisi sithe sijabule ngokuthi sithathe igxathu eliqinile lokumvulela icala njengoba ezinye izisulu bezisaba.

Sikhuluma ne-Scroll.Africa ngoLwesithathu sithe: “Ubebonakala engathintekile ngaloludaba futhi ubezishaya isifuba ngokuthi unemali akasoze aboshwa,” usho kanje.

“Ngiyajabula ukuthi umthetho wenze ubulungiswa futhi baningi abesifazane abasindisiwe kuye. Ngifuna ukumbona efela ejele aphume eseyongcwatshwa.

“Ngibonga ithimba le-Scrollla.Africa ngokungenelela laqinisekisa ukuthi akayitholi ibheyili yesibili ngemuva kokuboshwa kwakhe okwesibili,” esho.

Isithombe esingenhla: Omunye wezisulu zikaMcebisi evala amakhethini akhe.

Umthombo wesithombe: U-Everson Luhanga

Izihloko zakamuva