Odayisa emgwaqeni ugwaze umdlwenguli ngepeni

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Owesifazane (19) odayisa insipho yokuwasha emgwaqeni uqunge isibindi walwa nowesilisa obezama ukumdlwengula ngoMsombuluko ntambama eDuduza, Ekurhuleni.

Lona wesifazane ubesendleleni eyolanda imali kumakhasimende akhe ngesikhathi ehlangana nomlisa ombizele emzini wakhe wathi umkakhe ufuna ukuthenga insipho yokuwasha.

Uthe unkosikazi wale ndoda uyikhasimende lakhe lokuqina ngakho akazange asole lutho ngesikhathi embizela emzini wakhe.

Owesifazane utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ngesikhathi esengaphakathi endlini owesilisa uye wamemeza unkosikazi wakhe athe usegumbini labo lokulala.

Ngesikhathi isisulu singayizwa impendulo kuvele kwacaca ukuthi ubeyedwa endlini nale ndoda – futhi uye waqala ukuthuka.

Kungaleso sikhathi lapho umsolwa aqale khona ukumbamba. Uye wambamba wamphonsa kusofa. Uzamile ukulwa naye kodwa lo mlisa ubeklebhula izingubo zakhe.

“Ngiye ngamemeza ngacela usizo kodwa akekho ozile ukuzongisiza,” esho.

Ngesikhathi besahilizisana isisulu sibone ipeni kusofa eceleni kwabo. Akazange acabange kabili uvele walithatha.

“Ngimgwaze esandleni kanti ngesikhathi esasezinhlungwini futhi opha ngikwazile ukuphunyuka ngabaleka.

Nakuba esindile ekuhlaselweni ngaphandle kokulimala kanzima usale ehlukumezekile futhi manje usengabaza ukuphepha komsebenzi wakhe.

“Imali engiyenza ngokudayisa ngondla umndeni wami ngayo njengoba ngidonsa kanzima kodwa sengiyesaba ukuqhubeka naleli bhizinisi,” esho.

Isisulu sibikele amaphoyisa ngalolu daba.

Kwesinye isigameko kudlwengulwe owesifazane (24) erenki yamatekisi eDuduza.

Kusolakala ukuthi isisulu sihlaselwe amadoda amabili abephethe imimese. Baye bamshaya ngaphambi kokumhudulela erenki yamatekisi.

Babe sebeshintshana ngaye bemdlwengula ngaphambi kokumphuca izinto ezibalulekile bamshiya lapho bezitshela ukuthi ushonile.

Okhulumela amaphoyisa aseDuduza uSayitsheni Harry Manaka ukuqinisekisile ukuthi baphenya amacala okunukubeza ngokocansi nokudlwengula kuzo zombili izigameko.

“Abasolwa basagcwele amathafa kodwa uphenyo lusaqhubeka,” esho.

UManaka wengeze ngokuthi ukhathazekile ngokwanda kwesibalo samacala okudlwengula endaweni.

“Sikhuthaza zonke izisulu zokudlwengulwa nokunukubezwa ngokocansi ukuthi zibike amacala azo emaphoyiseni futhi zivumele umthetho ukuthi uthathe indawo yawo.”

Izihloko zakamuva