Luhlanganiswe ngu-Anita Dangazele
Odadewabo baZahara ababili kusolwa ukuthi bantshontshe ikhadi lakhe lasebhange bayokhithiza ngesikhathi lo mculi elwela impilo yakhe esibhedlela.
Odadewabo bomculi owaduma ngengoma yakhe ethi Loliwe abebezihlalele nezithandani ezisanda kushada emzini wazo oseGoli bebazi ukuthi umyeni kadadewabo uMpho Xaba udonsa kanzima ukukhokhela isibhedlela, ngesikhathi bentshontsha amakhadi akhe asebhange beyokhithiza.
Ngokombiko wezindaba zeZimoja uXaba uxoshe odadewabo kaZahara, uLumka noBandezwa Mkutukana ukuthi bapakishe izinto zabo ngemuva kokuthi aziswe ngalesi simo.
Umthombo osondelene nalesi simo utshele iZimoja ukuthi: “Laba bobabili bahambe bayokhithiza izimpahla ekubeni udadewabo elele embhedeni esibhedlela elwela impilo yakhe. Baye kuSmall Street, edolobheni laseJozi lapho bethenge khona zonke izinhlobo zezingubo ezingombombayi ama-Gucci, ama-Louis Vuitton, i-Burberry, izingubo ze-Diesel nokunye. Kubona bekungathi bathenga e-Dubai, e-Paris noma e-New York. Bazitholele nezimonyo ezishibhile kanye nezikhwama,”
UBulelwa Mkutukana owaziwa ngelikaZahara kumanje ulashelwa i-Cirrhosis yesibindi esibhedlela esizimele saseGoli.
Udaba olushicilelwe iZimoja luveza ukuthi uXaba wenqabele laba bobabili ukungena esibhedlela ngeledlule ngemuva kokubezwa bexoxa ngezindaba zomshwalense wempilo ngesikhathi udadewabo elwela impilo yakhe esibhedlela.
“UXaba waphatheka kabi ngesikhathi ezwa laba bobabili bexoxa ngezindaba zomshwalense ngomkakhe, esikhundleni sokumsiza ngesikweletu sasesibhedlela njengoba kusadingeka uZahara ahlolwe kaningi.” Kubike iZimoja.
Ngesikhathi izelamani zakwaMkutukana zibuzwa ngalezi zinsolo azizange ziziqinisekise noma ziziphikise.
“Buza umthombo wakho bhuti” kusho uLumka Mkutukana.
Imenenja kaZahara, u-Oyama Dyosiba uthe angeke akwazi ukuphawula ngalolu daba.
“Ngishaqekile ukuthi uyazi ngale nto, ngebhadi angikwazi ukuphawula ngalolu daba.’
Osesithombeni esingenhla: UBulelwa “Zahara” Mkutukana
Isithombe: X