Odade abayizelamani baphenduke o’zama zama’ ukuze bondle umndeni wabo

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

UBlessing no-Appreciate Moyo, odade ababili base-Zimbabwe, bathuthela eNingizimu Afrika ngokungemthetho eminyakeni eyisikhombisa edlule, benethemba lokuphila kangcono.

Abakwazanga ukuthola imisebenzi esemthethweni eNingizimu Afrika ngoba bengenawo amaphepha afanele avela eMnyangweni wezaseKhaya abagunyaza ukuba kuleli.

Ngakho, ukuze baphile, baphendukela ezimayini ezingekho emthethweni.

Izelamani zisebenza nozama zama emayini endala ese-Daggafontein, Ekurhuleni.

Abavukuzi bagaya amatshe ukuze bakhiphe uthuli lwegolide, abalidayisela abahwebi abangekho emthethweni.

UBlessing usebenza nomyeni wakhe futhi uyazazi izingozi zokumba ezimayini ezingekho emthethweni, okuhlanganisa nengozi yokuboshwa nokuxoshwa ezweni, noma ukulimala.

Kodwa uthi ukuzifaka ebungozini kulungile ngoba wondla umndeni wakhe.

“Iningi lethu lapha alinawo amaphasiphothi noma izimvume zokusebenza, ngakho asikwazi ukuthola imisebenzi ejwayelekile,” kusho uBlessing etshela i-Scrolla.Africa.

“Siyaphoqeleka ukuthi senze imisebenzi abantu baseNingizimu Afrika abangafuni ukuyenza, njengokusebenza ezindaweni zokulahla imfucuza noma ukuba ngozama zama.

“Sizokwenza lo msebennzi noma sizodayisa ngomzimba ukuze senze imali yokondla imindeni yethu emakhaya, sikhokhe irenti futhi siphile. Ngeke sithembele kwizibonelelo zikahulumeni.”

U-Appreciate wengeze ngokuthi bayaqaphelana njengezelamani endaweni yezimayini egcwele abesilisa ukuze bagweme ukuxhashazwa.

“Njalo ekuseni sithandazela ukuphepha nokubuya ngokuphepha futhi. Asilokothi sisebenze ngaphandle komunye. Uma udadewethu noma umyeni wakhe bengakwazi ukuya emsebenzini, nami ngihlala ekhaya ukuze ngiphephe,” kusho u-Appreciate.

Esithombeni ngenhla: Izelamani uBlessing no-Appreciate Moyo.

Umthombo: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva