Ochwepheshe abasebasha baphendukela ezitokofeleni ukuze bakwazi ukuthenga izimoto nemizi

Lubhalwe nguPalesa Matlala

Isisebenzi saka-Corporate uMahlodi Ramele (25) wenze isitokofela nozakwabo lapho befaka khona u-R2,500 nyanga zonke bese bethola u-R30,000.

Amalungu asebenzisa izinkokhelo zawo zika-R30,000 ukuthenga ifenisha, ukukhokha imali yesikole, ukubhalisa emanyuvesi nokuthenga izimoto njengoba kwenza uRamele.

Ochwepheshe abasebasha baphendukela ezitokofeleni njengendlela esebenzayo yokonga imali nokufeza izinhloso zabo zezimali.

UMahlodi Ramele (25) useneminyaka emithathu esebenza emkhakheni we-corporate. Yena nozakwabo abangu-11 banquma ukwenza isitokofela lapho umuntu emunye ekhokha u-R2,500 ngenyanga eqenjini.

Isitokofela siqale sinamalungu amahlanu kanti sesikhule namalungu angu-12. URamele uthe kudinga ukwethenjwa uma kuqashwa amanye amalungu ukuthi ajoyine iqembu lokonga.

Leli qembu labhekana nezinkinga ngesikhathi elinye ilungu lihola ngoNdasa lanyamalala ngesikhathi kufanele likhokhele amanye amalungu ngemuva kwethuba laso.

“Lokho bekungalungile futhi kuyicala,” kusho uRamele.

Nokho, lokho akuzange kubavimbe. Baphinde bathatha elinye ilungu baqhubeka nesitokofela sabo.

URamele uthe lena yindlela esheshayo yokonga imali yokuthenga izinto ezinkulu.

“Cabanga nje ngibeke u-R30 000 izinyanga ezingu-11. Ngizithengele imoto futhi ngiyongela ukuthenga umuzi wami,” esho.

Amalungu ashintshanisa izinkokhelo njalo ngenyanga. Ilungu elilodwa lithola inkokhelo ephelele futhi ngenyanga elandelayo elinye ilungu liyakhokhelwa.

“Asiyiphathi nemali ewukheshi esandleni ngoba yimali eningi. Sifaka amadiphozithi, uma kuphela unyaka usuno-R30 000,” kusho uRamele.

Amanye amalungu athenge ifenisha ngezinkokhelo zawo. Abanye bakhokhele izingane zabo imali yesikole kanti abanye babhalise emanyuvesi.

Ngaphandle kokubanjwa kwentela, amalungu aqinisekisiwe ukuthi azothola imali yawo engu-R30,000.

Ukuba yingxenye yesitokofela kube kuhle kimina. Ngiziphatha kahle ngokwezimali futhi unyaka nonyaka ngifeza izinhloso zami zezimali,” kusho uRamele.

Ekupheleni konyaka, iqembu liyahlangana ukuze lidle isidlo sasemini ukuze lixoxe ngezinselelo nempumelelo elihlangabezane nayo phakathi nonyaka.

Esithombeni esingenhla: Iqembu labangane.

Umthombo wesithombe: Unsplash

Izihloko zakamuva