Obulele iphoyisa ngesibhamu salo naye ufe ngesibhambu

Lubhalwe nguBuziwe Nocuse

Ubulawe ngamaphoyisa umlisa ohlwithe iphoyisa isibhamu somsebenzi walidubula ngesikhathi lona nozakwabo bephenya icala lodlame lwasekhaya obelubikwe esiteshini samaphoyisa.

NgoLwesithathu uSayitsheni u-Adrian Mahoney (44) kanye nozakwabo bajutshwe ukuyophenya icala lodlame lwasekhaya ku-Klapmuts Street eMamre, ebangeni elingamakhilomitha angu-50 enyakatho yeKapa.

Lo mlisa obengumsolwa kuleli cala kuthiwa uthathe isibhamu sephoyisa ngesikhathi kuqubuka ingxabano endlini walidubula lashone khona lapho.

Uphinde wadubula eqondise kuzakwabo kasayitsheni kodwa wageja ngaphambi kokuba abaleke ngezinyawo.

Amaphoyisa aphume umkhankaso wokuthungatha umsolwa kwathi ngoLwesine ekuseni akwazi ukumthola epulazini eliseMamre.

Umsolwa udutshulwe washona ngemuva kwezinsolo zokuthi ukhombe amaphoyisa ngesibhamu somsebenzi sikaMahoney enqaba nokuzinikela.

UVathiswa Mthantana waseNyanga akamuzweli nakancane umsolwa.

“Amalungu e-SAPS enza umsebenzi omuhle. Kumele siyeke ukudabukela abantu ababulala amaphoyisa ngoba basuke bazi kahle ukuthi bazoboshwa bahlale iminyaka embalwa ejele babuye, baqhubeke nempilo yabo,” kusho yena.

U-Esona Moko waselokishini laseGugulethu uthe umndeni kaMahoney uzothola ukuthula ezinhlizweni njengoba umbulali wakhe esefile.

“Ngiyazi ukuthi iphoyisa ngeke libuye, kodwa nginesiqiniseko sokuthi bazothola ukukhululeka. Cabanga nje ukube umsolwa ubelokhu ezulazula emgwaqeni. Siyazi ukuthi ubezoyithola ibheyili aqhubeke nokubulala abantu abangenacala.”

UKhomishana wamaphoyisa eWestern Cape, uLieutenant-General Thembisile Patekile, uthe kuyadumaza ukudutshulwa kwephoyisa ngesibhamu salo.

“Amaphoyisa akhona ukuvikela amalungu omphakathi akumele ahlaselwe,” usho kanje.

Okhulumela i-Independent Police Investigative Directorate, uMnuz Phaladi Supping uthe bayaphenya ngokufa kukamsolwa.

Esithombeni esingenhla: USayitsheni u-Adrian Mahoney odutshulwe wabulawa ngoLwesithathu ehambele icala lodlame lwasekhaya.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva