Obishini kosebenzise igama likasaziwayo neSilo ngaphandle kwemvumo 

Lubhalwe nguLungani Zungu

Abengamele iSilo Samabandla uMisuzulu kaZwelithini bafuna ukuthatha izinyathelo eziqinile ngemuva kokuthi uphromotha wesibhakela esebenzise igama leSilo ngaphandle kwemvume yaso ukuqhakambisa umqhudelwano wakhe eThekwini.

Izingqwembe zalo mqhudelwano osubambezelekile obizwa ngeKing Misuzulu International Boxing Tournament zinanobuso  bomshayisibhakela odume umhlaba wonke uFloyd Mayweather kanye nobuso beSilo Samabandla uMisuzulu kaZwelithini. 

Okhulumela iSilo Samabandla uMisuzulu KaZwelithini, uMntwana uThulani Zulu uthe: “Angeke sivumele abantu ukuthi basebenzise igama leSilo ngaphandle kokuthola imvume ngoba lokhu akukuhle.”

“Abantu bayayazi yonke imigudu okumele yenziwe ngaphambi kokusebenzisa igama leSilo. Sinxusa abantu ukuthi bayeke ukulisebenzisa igama leSilo ukufeza izinhloso zabo.”

Lo mcimbi bekulindeleke ukuthi ube senkundleni i-Moses Mabhida eThekwini ngoMgqibelo.

Nokho uhlehlisiwe ngemuva kokuthi uphromotha u-Arnold Nododile oyisikhulu senkampani ekhangisayo i-J4Joy ethole amaphepha aseNkantolo aphuma kubammeli bamshayisibhakela bemyalela ukuthi ahoxise ukusebenzisa igama lekhasimende labo.

I-TimesLive ibike ukuthi incwadi eyathunyelwa ummeli ozinze eGoli, uDavid Feinberg eyafika mhla ziyisishiyagalolunye kuZibandlela isola uNododile ngokungamkhokheli uMayweather ngokusebenzisa igama lakhe.

“Uphule isivumelwano ngezindlela eziningi ikakhulukazi ngokwehluleka ukukhokhela ikhasimende lethu imali okwakuvunyelwene ngayo ngokuhambela umcimbi walo futhi bekufanele akhokhe esikhathini esingangenyanga edlule,” kubhala ummeli omele inkampani kaMayweather, i-The Money Team (TMT).

“Okunye ukuthi ikhasimende lethu libikelwe ukuthi awuzange uyithole imvume yokusebenzisa igama leSilo Samabandla uMisuzulu kaZwelithini kanye nesithombe saso.”

Incwadi yengeze ngokuthi: “Sicela wehlise ngokushesha isithombe esiphula umthetho nanoma iziphi ezinye izithombe zekhasimende lethu kuzo zonke izinkundla omakethe kuzona.”

Isithombe esingenhla sikhombisa izingqwembe zomqhudelwano wesibhakela okunesithombe seSilo Samabandla uMisuzulu kaZwelithini

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva