Obezenza isiguli ubambe onogada inkunzi emtholampilo 

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Ngezithuba zasekuseni ngoLwesibili onogada baseGugulethu Community Health Centre eKapa bavulele isiguli esihamba ngesihlalo esinamasondo isango nowesilisa obesiqhuba.

Kodwa abakade bengakwazi ukuthi bamema izigebengu ezihlomile emagcekeni.

Ngemuva kokungena izigebengu zivele zakhipha izibhamu zakhomba unogada obevule isango.

Ngemuva kwesikhashana, kwafika abanye abesilisa ababili endaweni yesigameko. Abasolwa abane baqhubekile nokuphuca onogada omakhalekhukhwini nezinye izimpahla zabo.

Abasebenzi basemtholampilo neziguli bebethukile ngakusasa ekuseni. Labo ababezonikezwa imithi yezifo ezingalapheki bashiywe nobunzima obukhulu.

UNomaswazi Xelo obeye emtholampilo eyothola imishanguzo yakhe yamahlala khona, kudingeke ukuthi abuyele ekhaya elambatha.

“Sime emvuleni sigodola ngaphandle komtholampilo sisalinde amaphoyisa, angikwazanga ukuqhubeka nokulinda ngoba bese ngichithe amahora angaphezu kwamahlanu emvuleni.”

Esinye isiguli uMnu Mlungisi Ntunja, sithe sikhathazekile ngokuya emtholampilo ngakusasa.

“Bengihlele uLwesibili, kodwa ngagoduka ngingayiphethe imithi ngiyethemba ukuthi abahlengikazi bazophinde basisize uma sesiphindela emtholampilo futhi ngeke basithethise ngoba bekungelona iphutha lethu ukuthi bangakwazi ukusebenza ngemuva kwesigameko.”

UMonique Johnstone, okhulumela uMnyango wezeMpilo e-Western Cape uthe: “Abantu ababili, oyedwa obehamba ngesihlalo esinamasondo bangene kule ndawo ngokuzenza iziguli. Kuthe onogada bevula isango, izigebengu zakhipha izibhamu zabo zababamba kube sekuqhamuka ezinye izigebengu ezimbili zangena kule ndawo zase zagebenga onogada.”

UDkt Nomafrench Mbombo onguNgqongqoshe Wezempilo e-Western Cape, ​​uthe izenzo ezifana nalezi zibukela phansi amandla okusebenza kwesikhungo.

“Kubeka nezimpilo zabasebenzi bethu neziguli engcupheni,” kusho uMbombo.

U-Ian Cameron, ongumqondisi we-Community Safety at Action Society uthe akamangali ngalesi sigameko.

“Singalindela noma yini kuleli.”

Uthe ukungaziphenduleli kwenza izigebengu zibe nesibindi sokuqhubeka nezenzo zazo ezingekho emthethweni ngaphandle kokwesaba ukujeziswa.

Okhulumela amaphoyisa e-Western Cape, uWarrant Officer Joseph Swartbooi uthe amaphoyisa aphenya icala lokugebenga kuhlonyiwe.

“Imibiko iveza ukuthi abesilisa abangaziwa bangene kule ndawo bagebenga abebesesangweni babakhomba ngezibhamu,” kusho uSwartbooi. Njengamanje abasolwa basagcwele izinkalo.

Isithombe esingenhla: Izigebengu zishiye wonke umuntu eshaqekile ngemuva kokubamba inkunzi abasebenzi baseGugulethu Community Health Centre

Umthombo wesithombe: UBuziwe Nocuze

Izihloko zakamuva